Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1NGI yetemba kuwe, Jehova; ma ngi nga jabi ku ze ku be pakade; ngi sindise ekulungeni kwako.
2Bhekisa indhlebe yako kimi; u ngi sindise masinyane; yi ba kimi idwala eli namandhla, nendhlu e yinqaba yoku ngi siza.
3Ngokuba wena u yidwala lami, u yinqaba yami; ngako ngenxa yegama lako ma u ngi hole, u ngi kape.
4Wo ngi pumisa emgibeni a ba ngi fihlele wona; ngokuba wena u ngamandhla ami.
5Esandhleni sako ngi ya beka umoya wami; u ngi kululile, Jehova Tixo weqiniso.
6Ngi ya ba zonda bona a ba qapela amazwi amanga, kanti, mina ngi be ngi temba kuJehova.
7Ngi ya kwetaba ngi jabule emuseni wako, ngokuba u bonile ukuhlupeka kwami; wazile umpefumlo wami.
8Futi a u ngi nikelanga esandhleni sezita zami; u misile izinyawo zami endaweni e banzi.
9Yiba nomsa kimi, Jehova, ngokuba ngi semcingweni; iso lami li ncipile ngokukatazeka, nompefumlo wami, nesisu sami.
10Ngokuba ubomi bami bu pelile ngokuhlupeka, neminyaka yami ngokububula; amandhla ami a putile ngokona kwami, a zacile namatambo ami.
11Nga be ngi isijeziso kubo bonke abahlupi bami, kakulu na kubo abakelene nami, ngi ukwesabisa kubo aba ngaziyo; bona a ba ngi bonayo endhleleni ba ya ngi balekela.
12Ngi kohliwe enhliziyweni njengofileyo; ngi njengesitya esifileyo.
13Ngokuba ngi zwile ukuhleba kwabaningi; ukwesaba ku ya haqa; ekucebeni kwabo ngami ba zindhla ukususa umpefumlo wami.
14Kepa mina ngi yetemba kuwe, Jehova; ngi tyilo, ukuti, Wena u nguTixo wami.
15Izikati zami zi sesandhleni sako; ngi kulule esandhleni sezita zami ne sabangizingelayo.
16Ma u kazimulise ubuso bako pezu kwenceku yako; u ngi sindise ngomusa wako.
17Jehova, ma ngi nga jabiswa, ngokuba ngi ku bizile, ababi ma ba jabiswe, ba tule esheoli.
18Izindebe zamanga ma zi tuliswe; e zi kuluma ukweyisa ngaye olungileyo, ngokuzidhla na ngokudelela.
19Ubunene bako bu kulu kangaka o bu bekele bona a ba kwesabayo! o benzele bona a ba ku tembayo pambi kwamadodana abantu.
20U ya kubafihla ekufihlekeni kobuso bako kuko ukuceba kwabantu; u ya kubasita etenteni kuyo inkani yezilimi.
21Ma ka bongwe uJehova ngokuba wenzile umusa wake u be omangalisayo kimi emzini o namandhla.
22Kepa nga tyo mina ekwetukeni kwami, ukuti, se ngi nqunyiwe ngapambi kwamehlo ako; noko wena wezwa izwi lokuncenga kwami ekunxuseni kwami kuwe.
23Tandani uJehova nonke nina balungileyo bake; uJehova u ya gcina abaqinisileyo, a m vuze kakulu yena o wenza ngokuzidhla.
24Qinani, ko ti yena a qinise inhliziyo yenu nina nonke e ni temba kuJehova.