IZIHLABELELO 21
Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1JEHOVA, inkosi i ya kujabula emandhleni ako; na ngokusindisa kwako yetabe kangakanana!
2Wena u yi nikile ukufisa kwenhliziyo yayo, nako ukunxanela kwezindebe zayo a u ku gohlanga. Sela.
3Ngokuba u ya yi hlangabeza ngezibusiso zokulungileyo; u fakile umcele wegolide elihle ekanda layo.
4Ya cela kuwe ukupila, wa yi nika kona; ukuti, ubude bezinsuku ku ze ku be pakade napakade.
5Udumo lwayo lukulu ngenxa yokusindisa kwako; ubuhle nobukosi u bu fakile pezu kwayo.
6Ngokuba u yi bekile ezibusisweni ku ze ku be pakade; u yi jabulisile ngentokozo ngobuso bako.
7Ngokuba inkosi i yetemba kuJehova; ko ti ngomusa wOpezu konke a i yi ku zanyazanyiswa.
8Isandhla sako si ya kufumana izita zako zonke; isandhla sako sokunene so fumana abazondi bako.
9Wo b'enza njengesitando somlilo ngesikati sobuso bako; uJehova wo ba gwinya ngolaka lwake; umlilo u ya kubadhla.
10Wo bubisa isitelo sabo emhlabeni, nenzalo yabo pakati kwabantwana babantu.
11Ngokuba ba ku misele okubi; ba qamba icebo a ba be nga namandhla uku l'enza.
12Ngokuba wo ba fulatelisa; wena u ya kuqondisa imisebe ebusweni babo ngemicilo yako yomcibityelo.
13Ma u pakame, Jehova, emandhleni ako; tina si ya kuhlabelela si bonge ubuqawe bako.
Bible Society of South Africa 1893