IZIHLABELELO 2
1KU ngani ukuba izizwe zi xokozele nabantu ba cebe ize?
2Amakosi omhlaba nezikulu zi hlanganele ukunqaba uJehova, noMesia wake, be ti,
3Ma si gqabule izibopo zabo, si lahle ki tina izintambo zabo.
4Yena o hlezi ezulwini wo hleka; iNkosi i ya ku ba delela.
5Lapo u ya kukuluma kubo ngolaka lwake; a b'etuse ngokuvuta kwentukutelo yake.
6Kanti ngi gcobile iNkosi yami eZioni, intaba yami e ingcwele.
7Ngi ya kushumayela isimiso; uJehova u tyilo kimi ukuti, U iNdodana yami wena; namhla ngi ku zele.
8Cela kimi, ngi ku pe izizwe zi be ifa lako, nemikaulo yomhlaba i be imfuyo yako.
9Wena wo bapula ngentonga yensimbi, u ba pahlaze njengesitya sombumbi.
10Kalokuke hlakanipani nina makosi; nina bahluli bezwe ni yaleke.
11Konzani uJehova ngokwesaba, netabe ngokututumela.
12Ni yange iNdodana, i ze i nga tukuteli, ni bube endhleleni, ngokuba ulaka lwayo lu ya kuvuta masinyane. Ba ya busiswa bonke a ba yi tembayo.
Bible Society of South Africa 1893