Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1IZULU li ya shumayela ubukosi buka Jehova; nomkati u ya bonisa ukwenza kwezandhla zake.
2Usuku lu ya pimisela kulo usuku ukukuluma, nobusuku bu ya shumayela kubo ubusuku ukwazi.
3Akuko ukukuluma, a wako namazwi, lapo izwi lalo li ngezwakali kona.
4Inhlokomo yalo i pumile emhlabeni wonke, namazwi alo emkaulweni womhlaba; u bekele ilanga itente pakati kwalo.
5Lona li njengomyeni o puma ekamelweni lake, e jabule njengesiqwaga ukugijima endhleleni.
6Ukupuma kwalo ku semkaulweni wezulu, nokuzungeza kwalo ku semikaulweni yalo; futi akuko oku fihlelwe ukufudumala kwalo.
7Umteto ka Jehova u pelele, u buyisa umpefumlo; izimemezelo zika Jehova zi qinisile, zi hlakanipisa ongenakwazi.
8Imiyalo ka Jehova i lungile, i jabulisa inhliziyo; iziyalezelo zika Jehova zi hlanzisekile, zi kanyisa amehlo.
9Ukumesaba uJehova ku cwebile, ku hlala ku ze ku be pakade; izahlulo zika Jehova zi yiqiniso, zi lungile impela.
10Zi nxanelekile ku negolide, ku negolide eli cwengekileyo eliningi; zimnandi ku nezinyosi, nokuconsa kwamakekeba.
11Ku ti inceku yako i yaliwe ngazo; ekugcineni kwazo ku kona umvuzo omkulu.
12Ubani o qonda izipambeko zake zokungazi na? ngi yekele kwezisitekileyo.
13Na kuzo zokuzidhla, gcina inceku yako; ma zi nga busi pezu kwami; lapo ngo ba ngi pelele, ngi hlanzekile futi ngokona okukulu.
14Amazwi omlomo wami, nezinzindhlo zenhliziyo yami, ma kwamkeleke ebusweni bako; Jehova, dwala lami, nomkululi wami.