Umtandazo ka Davida.
1YIZWA ukulunga, Jehova, u lalele kuko ukukala kwami, u beke indhlebe emtandazweni wami, o nga pumi ezindebeni ezikohlisayo,
2Ma ku pume ebusweni bako ukwahlulwa kwami; amehlo ako ma ka bone okulungileyo.
3U lingile inhliziyo yami; u hlolile ebusuku; u ngi cwengisile, a wa fumana cala; ngi cebile ukuba umlomo wami a u yi kweqisa.
4Emisebenzini yabantu, mina ngezwi lezindebe zako, ngi qapele izindhlela zohlupayo.
5Pasa ukuhamba kwami ezindhleleni zako, ukuze izinyatelo zami zi nga nyakaziseki.
6Ngi ku bizile, ngokuba u ya ku ngi zwa, Tixo; beka indhlebe yako kimi, u lalele amazwi ami.
7Yenza lu be lukulu utando lwako, wena Mukululi waba ku tembayo aba vukayo ngesandhla sako sokunene.
8Ngi gcine njengenhlamvu yeso, u ngi site etunzini lamapiko ako.
9Kubo ubuso bababi a ba ngi citayo, kubo abazondi bami aba ngi haqayo be tiyana nompefumlo wami.
10Ba zivimbele ngamafuta abo; ba kuluma ngokuzidhla ngomlomo wabo.
11Ba ya si haqa kaloku ekuhambeni kwetu; ba bheka amehlo abo ukutobela emhlabeni.
12Umfanekiso wake u njengengonyama i hahela ukudweba, njengengonyama entya i hlezi ekusitekeni.
13Vuka, Jehova, u m vimbele, u m wise pansi; sindisa umpefumlo wami kubo ababi ngenkemba yako.
14Kubantu ngesandhla sako, Jehova, kubantu ba lelizwe, a ba nxenye yabo i ku lokukupila aba sisu sabo u si gcwalisa ngengcebo yako; ba gcwele abantwana, ba shiyela abantwana babo okuseleyo kwabo.
15Kepa mina ngi ya kubona ubuso bako ngokulunga; ngi kolwe lapo ngi vuka ngesimo sako.