IZIHLABELELO 142
Isiqondiso sika Davida; Umtandazo e se kona empandwini.
1NGA memeza kuJehova ngezwi lami; ngezwi lami nga kuleka kuJehova.
2Nga telela ebusweni bake isicelelo sami; nga bika inhlupeko yami ebusweni bake.
3Ekuhlulekeni komoya wami pakati kwami, wena u ya yazi indhlela yami; emkondweni lo e ngi hamba ngawo ba ngi fihlele isihibe.
4Bheka kwesokunene u bone ukuba amuko o ngaziyo; isipepelo si ngi putele; amuko o nakekela umpefumlo wami.
5Nga kalela kuwe, Jehova; nga ti, Wena u yisipepelo sami nesabelo sami ezweni labahleziyo.
6Lalela ukukala kwami; ngokuba ngi hlupekile kakulu; ngi sindise ebahlupini bami; ngokuba ba namandhla kimi.
7Pumisa umpefumlo wami ekubotyweni ngi bonge igama lako; abalungileyo ba ya ku ngi haqa; ngokuba wena wo ngenzela okuhle.
Bible Society of South Africa 1893