IZIHLABELELO 137
1NGASEMIFULENI ya seBabulona, lapo sa hlala pansi, sa lila futi; ekukumbuleni kwetu iZioni.
2Sa panyeka izingubu zetu eminyezaneni pakati kwalo.
3Ngokuba lapo aba si tumbayo ba funa kitina amazwi egama; futi aba si katazayo ba funa ukwenama, be ti, Si hlabeleleni igama la seZioni.
4So hlabelela kanjani igama lika Jehova ezweni lezizwe na?
5Uma ngi ku kohlwa, Jerusalema, isandhla sami sokunene ma si kohlwe.
6Ulimi lwami ma lu namatele olwangeni lwami, uma ngi nga ku kumbuli; uma ngi nga li tandi iJerusalema nga pezu kwenjabulo yami enkulu.
7Kumbula, Jehova, abantwana ba sEdomi ngosuku lweJerusalema, aba ti Li hlakazeni, li hlakazeni ku ze ku be sesisekelweni salo.
8Ndodakazi ya seBabulona u ya kucitwa; wo busiswa yena o kwenzela isabelo o sabele tina.
9Wo busiswa yena o hamba a coboze izingane zako etyeni.
Bible Society of South Africa 1893