1DUMISANI uJehova. Dumisani igama lika Jehova; mu dumiseni nina zinceku zika Jehova.
2Nina e ni mi endhlini ka Jehova, emagumbini endhlu ka Tixo wetu,
3Dumisani uJehova, ngokuba uJehova u lungile; ni hlabelele ngalo igama lake; ngokuba li mnandi.
4Ngokuba uJehova u ziketele uJakobe, noIsraeli ba be imfuyo yake.
5Ngokuba ngi yazi ukuba uJehova mkulu, futi iNkosi e pezu kwezitixo zonke.
6Konke uJehova a ku tandayo, u kwenzile ezulwini, nasemhlabeni, pakati kwezilwandhle, na sezindaweni zonke ezi julileyo.
7Wenyusa inkwezane emikaulweni yomhlaba, wenzele imvula, ubane, u pumisa umoya ezinyangweni zake.
8O wa tyaya amazibulo a sEgipite, awabantu kanye nawezilwane.
9Wa tuma iziboniso nemimangaliso pakati kwako Egipite, pezu kuka Faro nezinceku zonke zake.
10O wa tyaya izizwe eziningi, wa bulala amakosi a namandhla!
11uSihoni inkosi yamaAmori, noHogi inkosi ya seBashani, namakosi onke a seKanani.
12Izwe labo, wa lenza ifa, ifa lika Israeli, isizwe sake.
13Jehova, igama lako li pakade; Jehova, ukukunjulwa kwako ku sezizukulwaneni nezizukulwane.
14Ngokuba uJehova u ya kwahlula abantu bake; a haukele inceku yake.
15Izitombe zezizwe zi isiliva negolide, umsebenzi wezandhla zabantu.
16U kona umlomo kuzo, kepa a zi kulumi; a kona amehlo kuzo, kepa a zi boni.
17Zi kona izindhlebe kuzo, kepa a zi zwa; awuko umoya emlonyeni wazo.
18Bona a ba zenzayo ba ya fana nazo; nabo bonke aba temba kuzo.
19Ndhlu ka Israeli, mu bongeni uJehova; ndhlu ka Aroni mu bongeni uJehova.
20Ndhlu ka Levi, mu bongeni uJehova; nina e ni m esaba uJehova, mu bongeni uJehova.
21Ka bongwe uJehova eZioni, o hlezi eJerusalema. Dumisani uJehova.