Igama lokukupuka.
1JEHOVA, ma u m kumbulela uDavida, izinhlupeko zonke zake.
2O wa funga kuye uJehova, wa zibambisa kuye O namandhla ka Jakobe, e ti,
3A ngi yi kungena endhlini yokuhlala kwami, a ngi yi kwenyukela embedeni wami;
4A ngi yi kunika amehlo ami ubutongo; nezinkope zami ukozela.
5Ngi ze ngi m fumanele uJehova indawo, O namandhla ka Jakobe izindhlu.
6Bheka, sa ku zwa Efrata, sa yi fumana emihlabatini yehlati.
7Si ya kungena ezindhlini zake, si kotamele esenabelweni sezinyawo zake.
8Vuka, Jehova, u ye ekupumuleni kwako; wena nompongolo wamandhla ako.
9Abateteleli bako ma bambate ukulunga; bona abalungileyo bako ma ba memeze ngenjabulo.
10Ngenxa ka Davida inceku yako; u nga penduli ubuso bako kuye ogcotyiweyo wako.
11uJehova u fungile kuDavida ngeqiniso, a ka yi kupenduka kuko; Ngesitelo sesisu sako ngo misa isihlalo sako sobukosi.
12Uma abantwana bako be gcina uvumelwano lwami, nezimemezelo zami, e ngi ya ku ba fundisa zona; nabantwana babo ba ya kuhlala esihlalweni sako sobukosi ku ze ku be pakade.
13Ngokuba uJehova u ketele iZioni; u li funile li bo indawo yake yokuhlala.
14Leli li ukupumula kwami ku ze ku be pakade; ngo hlala lapa; ngokuba ngi li funile.
15Ngo busisa kakulu ukudhla kwalo; ngi sutise abampofu balo isinkwa.
16Ngi ya kwambatisa abateteleli balo ukusindiswa; nabalungileyo balo ba ya kuhuba kakulu ngenjabulo.
17Lapo ngo hlukanisa upondo luka Davida; ngi misele ogcotyiweyo wami isibani.
18Ngi ya kwambatisa izita zake ngokujaba; kepa umqele wake, wo kazimula pezu kwake.