IZIHLABELELO 126
Igama lokukupuka.
1EKUBUYISENI kuka Jehova okwatunjwayo eZioni; sa si njengabapupayo.
2Lapo umlomo wetu wa u gcwele ukuhleka, nolimi lwetu lwa lu huba ngenjabulo; lapo ba ti abezwe, uJehova u benzele okukulu.
3uJehova u senzele okukulu; si ya jabula tina.
4Buyisa, Jehova, ukutunjwa kwetu njengemifula ya seningizimu.
5Bona aba hlwanyela ngezinyembezi ba ya kuvuna be huba ngenjabulo.
6Yena o hambayo e lila e pete imbeu e hlwanyela wo buya ngehubo lenjabulo, e pete izinyanda zake.
Bible Society of South Africa 1893