IZIHLABELELO 123
Igama lokukupuka.
1AMEHLO ami ngi ya wa pakamisela kuwe, Wena o hlezi ezulwini.
2Bheka njengamehlo enceku esandhleni samakosi ayo, na njengamehlo encekukazi esandhleni senkosikazi yayo! ka njalo amehlo etu a kuye uJehova uTixo wetu, a ze a si haukele.
3Si haukele Jehova, si haukele; ngokuba si gcwele kakulu ukudelwa.
4Umpefumlo wetu u gcwele kakulu ukuhleka kwabo aba notileyo nokudela kwabazidhlayo.
Bible Society of South Africa 1893