Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1TIXO wokubonga kwami, u nga tuli.
2Ngokuba umlomo womubi, nomlomo wenkohliso u vulile pezu kwami; ba kulumile nami ngolimi lwamanga.
3Ba ngi zungezile ngamazwi enzondo; ba lwa nami ngeze.
4Ba tiyana nami esikundhleni sotando lwami; kanti mina ngi ya kupumisa umtandazo.
5Ba beke pezu kwami okubi esikundhleni sokuhle; nenzondo esikundhleni sotando.
6Misa omubi pezu kwake, ma keme kwesokunene sake isita.
7Ekwahlulweni kwake ma ka toliswe icala; nomtandazo wake ma u be isono.
8Izinsuku zake ma zi be incozana; omunye ma ka tabate inkonzo yake.
9Abantwana bake ma ba be izinkedama; nomkake, umfelokazi.
10Abantwana bake ma ba ndinde nokundinda, ba panze, ba cele be vela ezincitakalweni zabo.
11Umtyeleki ma ka babise ngako konke a nako; nabafo ma ba pange inzuzo yake.
12Ma ku nga biko kuye o hlala e nomusa; ma ku nga bi ko no haukela izinkedama zake.
13Izizukulwane zake ma zi nqunywe; na sesizukulwaneni esi landelayo ma li hlangulwe igama lazo.
14Ububi boyise bake ma bu kunjulwe kuJehova; nesono sika nina ma si nga hlangulwa.
15Ma ba be pambi kuka Jehova njalo; a ze a nqume ukukunjulwa kwabo emhlabeni.
16Ngenxa yokuba wa e nga kumbuli ukwenza umusa; wa zingela umuntu ompofu nodingayo; a ze a bubise okatazekileyo enhliziyweni.
17Njengokuba wa tanda ukutuka, njalo ma ku ze kuye; njengokuba wa e nga tandi ukubusisa, njalo ma ku be kude kuye.
18Njengokuba wa gqoka ukutuka njengesambato, njalo ma ku ze emibilinini yake njengamanzi, na sematanjeni ake njengamafuta.
19Ma ku be kuye njengengubo a yembatayo, nesibamba a zibopa ngaso njalo.
20Loku ma ku be inkokelo yabahlupi bami i vela kuJehova; neyaba kuluma okubi ngompefumlo wami.
21Kepa, wena, Jehova, Nkosi yami, ma wenze kimi ngenxa yegama lako; ngokuba umusa wako u lungile, ma u ngi sindise.
22Ngokuba ngi ngompofu nodingayo, futi inhliziyo yami i hlatyiwe pakati kwami.
23Ngi yemuka njengomtunzi owandayo; ngi ya zanyazanyiswa njengomkumbi.
24Amadolo ami a dangele ngokuzila ukudhla, nenyama yami i putile ukunona.
25Futi ngi inhlekiso kubo; ba ngi bona ba geme amakanda abo.
26Ngi size, Jehova, Tixo wami, ngi sindise ngokomusa wako.
27Ukuze bazi ukuba loku ku yisandhla sako; wena Jehova, u kwenzile.
28Ma betuke bona, kanti ma u busise wena; nxa be vuka ma ba jabe bona; kepa ma i jabule inceku yako.
29Abahlupi bami ma bambate ihlazo; ma ba gqoke ukujaba njengesambato.
30Ngo m bonga uJehova kakulu ngomlomo wami; ngi m dumise pakati kwabaningi.
31Ngokuba wo hlala kwesokunene sodingayo, uku m sindisa kubo aba lahla umpefumlo wake.