1BONGANI uJehova, loku e lungile; ngokuba umusa wake u hlezi pakade.
2Ma ba tyo abakululiweyo baka Jehova; bona a ba kulula esandhleni sezita.
3Wa ba buta be vela emihlabeni, empumalanga, na sentyonalanga, na senyakato, na selwandhle.
4Beduka ehlane encitakalweni yendhlela, a ba fumananga umuzi wokuhlala.
5Be lambile, bomile, umpefumlo wabo wa dangala.
6Lapo ba kala kuJehova encingweni yabo; wa ba sindisa ezinhlupekweni zabo.
7Wa ba hambisa ngendhlela elungileyo, e ya emzini wokuhlala.
8Ma ba bonge uJehova ngomusa wake, nemimangaliso yake kubantwana babantu!
9Ngokuba u ya sutisa umpefumlo ofisayo, nompefumlo olambayo u ya wu gcwalisa ngokulungileyo.
10Abahlezi ebumnyameni na setunzini lokufa, aba botyiwe ekuhlupekeni na sensimbini.
11Ngokuba ba nqaba amazwi aka Tixo, ba dela icebo lOpakamileyo.
12Wa se e tobisa inhliziyo yabo ngobuhlungu; ba be be dengezela, kepa kwa ku ngeko osizayo.
13Lapo ba kalela kuJehova encingweni yabo, wa ba sindisa ezinhlupekweni zabo.
14Wa ba kipa ebumnyameni na setunzini lokufa, wa zapula izibopo zabo.
15Ma ba bonge uJehova ngomusa wake, nemimangaliso yake kubantwana babantu.
16Ngokuba wapulile amasango etusi, u nqumile imivalo yensimbi.
17Bona a ba nobuula ngenxa yezipambeko zabo, na ngokonakalisa kwabo, ba ya hlutywa.
18Umpefumlo wabo u ya canuka ukudhla konke; ba ya sondela emasangweni okufa.
19Lapo ba kalela kuJehova encingweni yabo, wa ba sindisa ezihlupekweni zabo.
20U ya tuma izwi lake, a ba pilise, a ba kulule emigodini yabo.
21Ma ba bonge uJehova ngomusa wake, nemimangaliso yake kubantwana babantu.
22Ma ba nikele iminikelo yokubonga, ba shumayele izenzo zake ngokuhuba kwenjabulo.
23Bona a beukela elwandhle emikunjini, a benza umsebenzi emanzini amakulu!
24Laba ba bona izenzo zika Jehova, nemimangaliso yake ekujuleni.
25Ngokuba, u kuluma, a vuse umoya wesipepo, o fukula amaza ako.
26Ba yenyukela ezulwini, behlela ekujuleni; umpefumlo wabo u ya ncibilika ngenxa yenkatazo.
27Ba ya zululeka, ba dengezela njengodakiweyo, ku ya puta konke ukuhlakanipa kwabo.
28Lapo ba kalela kuJehova encingweni yabo, wa ba sindisa ezinhlupekweni zabo.
29Wenza isipepo si me ku be kona ukutula; a ti amaza ako a peze.
30Lapo ba ya jabula ngokuba ba ya hlaliswa; njalo u ya ba hola etekwini lokufisa kwabo.
31Ma ba bonge uJehova ngomusa wake, na ngemimangaliso yake kubantwana babantu!
32Ma ba m pakamise emhlanganweni wabantu, ba m bonge ekuhlaleni kwamalunga.
33U ya beka imifula i be ihlane, nemitombo yamanzi i be izwe elomileyo.
34Umhlabati otelayo u be umunyu, ngenxa yokonakalisa kwabo aba hlezi kuwo.
35U ya beka ihlane li be isiziba samanzi; nomhlabati o womileyo u be imitombo yamanzi.
36Na lapo u ya hlalisa kona abalambileyo, ba mise umuzi wokuhlala!
37Ba lime imihlabati, ba tyale amasimu esinwazi, a senze isitelo senzuzo.
38Yena u ya ba busisa ba ze bande kakulu, futi a nga ncipisi izinkomo zabo.
39Ba buya ba ncipe, ba citeke ngokuvinjelwa, nokukatazeka, nomunyu.
40U ya tela pezu kwabanumuzana ukudelelwa, a bedukise encitakalweni lapo ku ngeko ndhlela.
41Kanti u ya pakamisa odingayo e puma ebubini, a m bekele imindeni njengezimvu.
42Abalungileyo ba ya kubona loku ba jabule; okubi konke ko vala umlomo wake.
43Yena ohlakanipileyo wo qapela loku, a qikelele umusa ka Jehova.