1JEHOVA, u meleni katyana na? u zifihla ngezikati zokuhlupeka na?
2Ngokuzidhla komubi ompofu u ya tya; ma ba banjwe ngamacebo aba wa cebileyo.
3Ngokuba omubi u ya gabisa ngokukanuka kompefumlo wake, a bonge opangayo a delwa uJehova.
4Omubi ngokupakama kwempumlo wake, u ti, A ka bizi uTixo; akako uTixo ezinkumbulweni zonke zake.
5Izindhlela zake zi qinile ngezikati zonke; izahlulo zake zi pakeme pambi kwake; zonke izita zake u ya zi futa.
6U tyo enhliziyweni yake ukuti, A ngi yi ku zanyazanyiswa ngezizukulwane, ngokuba a ngi ko engozini.
7Umlomo wake u gcwele ukufunga, nenkohliso, nokwamuka; pansi kolimi lwake ku kona inkatazo, nobubi.
8U hlezi ezindaweni zokuqamela zemizi; ezindaweni ezisitekileyo u ya m bulala ongenacala; amehlo ake a zisitile kotambileyo.
9U qapile endaweni esitekileyo njengengonyama empandwini wayo; u qapele ukubamba otambileyo; u ya m bamba otambileyo ngoku m hola ngeneta lake.
10U qobekile, u koteme, ukuze abatambileyo ba we ngamandhla ake.
11U ya tyo enhliziyweni yake, u ti, uTixo u kohliwe; u ya sibekela ubuso bake; a ka boni napakade.
12Vuka, Jehova, u pakamise isandhla sako Tixo; u nga kohlwa abetabileyo.
13Yini ukuba omubi a m delela uTixo? u ya tyo enhliziyweni yake, u ti, A u yi ku biza wena.
14U bonile wena; ngokuba wena u ya bheka inkatazo nenhlupeko uku yi beka esandhleni sako; otambileyo wo zinikezela kuwe; wena u ngukusiza kwezintandane.
15Yapula ingalo yomubi, noshingayo; u hlole ububi bake, u ze u nga bi u sa bu fumana.
16uJehova u yiNkosi ku ze ku be pakade na ngezikati zonke; izizwe zi bubile emhlabeni wake.
17Jehova, wena u zwile ukufisa kwabatobileyo; u ya kumisa inhliziyo yabo, wenze indhlebe yako i zwe.
18Ukwahlula izintandane nabahlutyiweyo, ukuba umuntu a nga be e sa pinda ukub'etusa ba dede ezweni.