1AMAZWI ka Aguri indodana yake o wa lalelwa eMasa; Ya tyo njalo indoda, Ngi kutalele uTixo, ngi kutalele uTixo, se ngi pezile.
2Ngempela ngi nobuula pezu kwabantu bonke, a ngi nakuqonda komuntu.
3Be ngi nga fundi ukuhlakanipa be ngi nga kwazi ukwazi ngOyingcwele.
4Ubani o wenyukela ezulwini, no wehlela na? Ubani o butele umoya ezandhleni zake na? Ubani o bopile amanzi engutyeni na? Ubani o misile yonke imikaulo yomhlaba na? Igama lake li ngubani; negama lendodana yake li ngubani, uma u ya lazi na?
5Onke amazwi ka Tixo a hlanzekile, u isihlangu sabo aba m etembayo.
6U ngenezeli amazwi ake, funa a ku jezise, u funyanwe u ngowamanga.
7Izinto ezimbili ngi zi celile kuwe, u nga zi godhli kimi ngi nga ka fi.
8Susa kude nami amanga namacebo; U nga ngi niki ubumpofu nengcebo; ngi funze ukudhla okungabelweyo.
9Funa ngi sute, ngi kwale, ngi ti, uJehova u ngubani na? funa ngi be mpofu, ngebe, ngi lone igama lika Tixo wami.
10U ngenze ukuba inceku i nceteze inkosi yayo; funa i ku tuke, u funyanwe u necala.
11Ku kona isizukulwane esi tuka uyise, esi nga busisi nonina.
12Ku kona isizukulwana esimhlope emehlweni aso, esi nga hlanzwanga ensileni yaso.
13Ku kona isizukulwana, yeka ukuzidhla kwamehlo aso nezinkope zaso zi pakeme!
14Ku kona isizukulwana, amazinyo aso a izinkemba, namazinyo omhlati a imimese yokubadhla abahlupekayo bomhlaba nabampofu ebantwini.
15Isimungunyigazi si nezintombi ezimbili ezityo ukuti, Si pe; si pe. Ku kona izinto ezintatu ezi nge nakusuta, ezine ezi nga tyo, ukuti, kwanele.
16iSheoli; nezala elivaliweyo; umhlabati onga kolwa amanzi; nomlilo o nge tyo, ukuti kwanele.
17Iso eli hleka uyise, neli dela ukulalela unina, izingwababana ezi sezigodini zo li kipa; namazinyane amanqe o li dhla.
18Ku kona izinto ezintatu ezi ngahlulayo, yebo ezine e ngi nga zaziyo.
19Indhlela yenqe emoyeni; indhlela yenyoka edwaleni; indhlela yomkumbi pakati kolwandhle; nendhlela yendoda entombini.
20I njalo indhlela yesipingikazi; si dhla, si sula umlomo waso, si ti, A ngenzanga okubi.
21Ngapansi kwezinto ezintatu izwe li ya zamazama, na ngenxa yezine li nge zipakamise.
22Ngapansi kwenceku uma i busa; nesiula uma si suta ukudhla.
23Ngapansi kwesifazana esi zondekayo nxa senda; nencekukazi nxa i umudhli wefa wenkosikazi yayo.
24Ku kona izinto ezine ezincinyane emhlabeni, kanti zi hlakanipile kakulu;
25Izintutane zi isizwe esi nge namandhla, noko zi ya zilungisela ukudhla kwazo ehlobo;
26Izimbila zi isizwe esi butakataka, kanti zi yaka izindhlu zazo ematyeni;
27Izinkumbi a zi nankosi, kanti zi ya puma zonke zi za hlukanise ngamaviyo;
28Isibankwa si ya bamba ngezandhla zombili, si sezigodhlweni zenkosi.
29Ku kona izinto ezintatu ezi nyatela kahle, yebo, ezine ezi lungisa ukuhamba;
30Ibubesi eli namandhla ezilwaneni, a li yi ku buyela emuva ebusweni bazo zonke;
31Inja empunga; nempongo, nenkosi oku ngeko uku melana nayo.
32Nxa wenzile ngobuula ekuzipakamiseni; noma u qondile okubi ngesandhla emlonyeni.
33Ngokuba ukucindezelwa kwamasi ku veza amafuta alukuni, nokucindezelwa kwempumulo ku veza izingazi; njalo ukucindezelwa kolaka ku veza inkani.