1ABABI ba ya baleka kungeko muntu o ba sukelayo; kepa abaqoto ba nesibindi njengebubesi.
2Ngenxa yokona kwezwe maningi amakosi alo: kepa ngomuntu wokuqonda nokwazi, izwe li ya kuma njalo.
3Umuntu ompofu o ba hlupayo ababunce u njengemvula ekukulayo ku ze ku nga biko ukudhla.
4Abadelayo umteto ba ya bonga ababi; kodwa aba wu gcinayo ba ba vukele.
5Abantu ababi a ba qondi ukwahlula; kodwa abamfunayo uJehova ba ya qonda konke.
6Umpofu o hamba ngobuqoto bake, muhle kuye o pambene ngezindhlela zake, noko e cebile.
7O wu tandayo umteto u indodana eqondayo; kodwa o hambana nabantu abacitayo, u ya m telela uyise ihlazo.
8O yandisayo ingcebo yake ngeselekelo nangesanezelo, wo yi busela ukupiwa abampofu.
9O yi pendulayo indhlebe yake ukuba i ngezwa umteto, ukukuleka kwake ko ba isinengeko.
10Odusayo abalungileyo endhleleni embi, wo wa yena egebeni lake; kepa abalungileyo ba ya kuzuza okuhle.
11O cebileyo u hlakanipile emehlweni ake; kodwa ompofu o nokuqonda u ya ku m hlola.
12Nxa abalungileyo be jabula, ukucoka ku kulu; kanti ekuvukeni kwababi, umuntu u ya baca.
13O fihla isono sake, a ka yi ku tola inhlanhla; kodwa o zi bikayo a zi shiye, wo tola umusa.
14U busisiwe o wesaba ngezikati zonke; kepake o yenza inhliziyo yake i be lukuni, u ya kuwa ebubini.
15Umbusi omubi pezu kwabantu abampofu, u yingonyama e bodhlayo, nebere elihahayo.
16Inkosi e nge nakuqonda i vama ekukatazeni; kanti ozonda ukufisa, u ya kwandisa imihla yake.
17Umuntu o sindezelwa igazi lompefumlo, ma ka baleke, a ye emgodini; a ye emgodini; a nga tintwa muntu.
18O hambayo ngokulungisa wo sinda; kepa o pambene ngezindhlela zake, wo wela kwenye yazo.
19O limayo umhlabati wake, wo suta isinkwa; kepa o landela abangaqondile, wo suta ubumpofu.
20Umuntu weqiniso wo busiswa kakulu; kepa o tyetya ukucela u ya konakala.
21Ukunaka ubuso a ku lungile; ngokuba ngenxa yesinkwana, umuntu u ya ku pambeka.
22Umuntu o neso elibi u tyetyela ingcebo; e nga qondi ukuti ubumpofu bo m fikela.
23Olulekayo emuva wo tola umusa ku naye otobozayo ngolimi lwake.
24Yena o panga uyise nonina e ti, A ku cala, u ngumgane wocitayo.
25O zidhlayo ngompefumlo wo vusa inkani; kepa o temba kuJehova, wo sutiswa.
26O yi tembayo eyake inhliziyo u yisiula; kodwa o hamba ngokuhlakanipa wo kululwa.
27O nika ompofu a ka yi ku swela, kepa o cimeza amehlo ake, izituko eziningi zo m fikela.
28Nxa ababi be vuka, abantu ba ya zibacisa; kepa nxa be buba, abaqoto ba yanda.