1UKUCEBA kwenhliziyo ku kumuntu; kodwa ukupendula kolimi ku vela kuJehova.
2Zonke izindhlela zomuntu zimhlope emehlweni ake; kepa uJehova u ya linganisa imimoya.
3Gingqela kuJehova imisebenzi yako: ko ti izizindhlo zako zi qiniseke.
4uJehova u zenzele konke; yebo nomubi u m enzele usuku olubi.
5O zidhla enhliziyweni yake u ngukunengeka kuJehova; noko isandhla, si bambana nesandhla, a ka yi ku tetelwa.
6Ngobubele na ngeqiniso isono si ya hlaulelwa; ku ti ngokumesaba uJehova ku ya mukiswa kuko okubi.
7Nxa imihambo yomuntu i m kolisa uJehova, wo zenza izita zake zi hlangane naye.
8Kuhle okuncane kanye nokulunga, ku nenzuzo enkulu, kungeko ukulunga.
9Inhliziyo yomuntu i ya zicingela indhlela yake; kodwa uJehova u ya qondisa ukunyatela kwake.
10Izwi elikulu li sezindebeni zenkosi; umlomo wayo a u yi ku kohlisa ekwahluleni.
11Uti lokulinganisa nezikalo zokulu nga ezake uJehova; amatye onke esikwama a ngumsebenzi wake.
12Ku ngukunengeka emakosini ukwenza okubi; ngokuba isihlalo sobukosi si ya qiniswa ngokulungileyo.
13Izindebe ezilungileyo zi yintokozo yamakosi; ku ti o kuluma ngokufaneleyo, wo tandwa.
14Ulaka lwenkosi lu izitunywa zokufa; kepa umuntu ohlakanipileyo wo lu tambisa.
15Ekukanyeni kobuso benkosi ku kona ukupila; nomusa wayo u njengefu lemvula ya semuva.
16Kuhle kangakanana ukuzuza ukuhlakanipa ku negolide! nokuzuza ukuqonda nga ku ketwa ku nesiliva.
17Umendo wabaqoto u ngukufulatela ebubini; o londa umpefumlo wake u ya gcina indhlela yake.
18Ukuzidhla ku yandulela ukubujiswa, nomoya ozikulisayo u yandulela ukuwa.
19Kuhle ukuba nomoya otobekileyo kanye nabatobekayo, ku nokwahlulelana nabazidhlayo ngempango.
20O qonda ngendaba wo tola okuhle; futi otembayo kuJehova, u nokutokoza.
21Kohlakanipileyo enhliziyweni ko tiwa u ngoqondayo; ku ti ubumnandi bezindebe bu yandisa ukwazi.
22Ukwazisa ku ngumtombo wokupila kuye o nako; kepa isifundiso seziula si ubuula.
23Inhliziyo yohlakanipileyo yo fundisa umlomo wake, u ya kwenza ukwazi ezindebeni zake.
24Amazwi amnandi a njengoju lwamakekeba, amtoti empefumlweni, a impiliso ematanjeni.
25I kona indhlela elungileyo ebusweni bomuntu, kanti ukupela kwayo ku izindhlela zokufa.
26Ukukanuka komuntu okutalayo ku nzima kuye; ngokuba umlomo wake u ya m quba.
27Umuntu omubi u ya panda okubi; ku ti ezindebeni zake ku njengomlilo o vutayo.
28Umuntu o isideleli u ya vusa inkani; nomcetezi u ya hlukanisa izihlobo.
29Umuntu o nonya wo m yenga owakelene naye, a m holele endhleleni engalungile.
30O cimeza amehlo ake a cebe okupambeneyo, e luma izindebe zake, u se kwenzile okubi.
31Izinwele ezimpunga zi umcele wobuhle, nxa zi funyanwa endhleleni yokulunga.
32O puza ukutukutela u lungile ku nalo iqawe; no busa emoyeni wake kuye o nqoba umuzi.
33Itye lenkato li bekiwe esifubeni; kepa ukwahlula kwalo konke ku kuJehova.