1UKUPENDULA kahle ku ya nqanda intukutelo; kodwa izwi elibabisayo li vusa ulaka.
2Ulimi lwabahlakanipileyo lwenza ku be mnandi ukwazi; kodwa umlomo weziula u ya pupuma ubuula.
3Amehlo ka Jehova a sezindaweni zonke, e bona ababi nabahle.
4Ulimi olutulisayo lu umuti wokupila; kodwa ukupambeka ngalo ku ngukucoboza komoya.
5Isiula si ya dela isifundo sika yise; kodwa o kumbula ukululekwa wo xwaya.
6Endhlini yolungileyo ku kona imfuyo enkulu; kodwa enzuzweni yomubi ku kona inkatazo.
7Izindebe zabahlakanipileyo zi ya hlakaza ukwazi; kodwa inhliziyo yesiula a i njalo.
8Umnikelo wababi u isinengiso kuJehova; kodwa ukukuleka kwabalungileyo ku injabuliso yake.
9Indhlela yomubi i isinengiso kuJehova; kepa u ya m tanda o landa ukulunga.
10Ukutyaywa okubuhlungu ku kuye o yi shiya indhlela: o zonda ukululekwa u ya kufa.
11iSheoli nendawo yokubujiswa ku pambi kuka Jehova; kakulu kangakanana izinhliziyo zamadodana abantu.
12Umhleki a ka m tandi yena osolayo; a ka yi ku ya kwabahlakanipileyo.
13Inhliziyo e nentokozo i yenza ubuso bu be buhle; kodwa ngobuhlungu benhliziyo umoya u ya puka.
14Inhliziyo yoqondayo i ya funa ukwazi; kepa umlomo weziula wo bu dhla ubuula.
15Zonke izinsuku zohlupekayo zimbi; kepa inhliziyo enama i nokudhla oku m sutisayo njalo.
16Okuncane kanye nokumesaba uJehova kuhle ku nemfuyo eningi nenkatazo kanye nayo.
17Isidhlo semfino, lu kona utando kuso, sihle ku nenkabi ekulupalisiweyo, ku kona inzondo.
18Umuntu o nolaka u banga inkani; kodwa yena o puza ukutukutela u ya tulisa inkani.
19Indhlela yevila i njengotango lwameva; kanti indhlela yabaqoto iyo elungisiweyo.
20Indodana ehlakanipileyo i intokozo kuyise, kodwa umuntu o isiula u ya m delela unina.
21Ubuula bu yintokoziso kuye o ntula ingqondo; kodwa umuntu o qikelayo wo qondisa ukuhamba kwake.
22Uma kungeko ukuqondisa, amacebo a ya puteka; kepa ngobuningi babaqondisayo a ya kuma.
23Umuntu u nentokozo ngempendulo yomlomo wake; ku ti izwi eli kulunywa ngesikati esifaneleyo lihle kangakanana!
24Indhlela yokupila koqondileyo i ngapezulu, ukuze a penduke kulo isheoli ngapansi.
25Indhlu yabazidhlayo uJehova wo yi cita, kodwa umkaulo womfelokazi wo wu qinisa.
26Amacebo amabi a ngukunengeka kuka Jehova; kepa amazwi amnandi a hlanzekile.
27Opanga impango u ya kataza indhlu yake; kodwa yena o zonda iminikelo yokupambukisa wo pila.
28Inhliziyo yoqoto i ya cinga ukupendula; kodwa umlomo wababi u ya bodhla izinto ezimbi.
29uJehova u kude nababi; kodwa u yezwa ukukuleka kwabalungileyo.
30Ukukanya kwamehlo ku ya tokozisa inhliziyo; nendaba enhle i ya kulupalisa amatambo.
31Indhlebe ezwayo ukululeka kokupila yo hlala pakati kwabaqondileyo.
32Yena o ku nqabayo ukufundiswa u ya dela umpefumlo wake: kodwa yena ozwayo ukululeka u ya zuza ukwazi.
33Ukumesaba uJehova ku ngukufundisa kokwazi; ku ti ngapambi kodumo ku kona ukutobeka.