1UJEHOVA wa kuluma ku Mosi, e ti,
2Tuma abantu ukuba ba hlole izwe laseKenani e ngi li nika aba kwa Israeli, u tume umuntu a be munye ezizweni zonke za oyise ku be ilowo o induna pakati kwabo.
3Ngokutyo kuka Jehova uMosi wa ba tuma besuka ehlane laseParani: bonke laba bantu ba be izinhloko za ba kwa Israeli.
4Lawa a amagama abo, o wesizwe sa ka Rubeni uShammua indodana ka Zakuri.
5Owesizwe sa kwa Simeoni, uShafati indodana ka Hori,
6Owesizwe sa kwa Juda, uKalebi indodana ka Jefuna,
7Owesizwe sa kwa Isakari, uIgai indodana ka Josefa,
8Owesizwe sa kwa Efraimi uOshea indodana ka Nuni,
9Owesizwe sa kwa Benjamini, uPalta indodana ka Rafu,
10Owesizwe sa kwa Zebuloni uGaddieli indodana ka Sodi,
11Owesizwe sa kwa Josefa, isizwe sa kwa Manasa uGadi indodana ka Susi,
12Owesizwe sa kwa Dani, uAmmieli indodana ka Gemali,
13Owesizwe sa kwa Asheri uSethuri indodana ka Mikaeli,
14Owesizwe sa kwa Naftali, uNabi indodana ka Vopsi,
15Owesizwe sa kwa Gadi, uGeueli indodana ka Maki;
16Lawa amagama abantu uMosi a ba tuma ukuhlola izwe. uMosi wa wa biza uOshea indodana ka Nuni ngokuti uJoshua.
17uMosi wa ba tumela ukuhlola izwe laseKenani wa ti kubo Sukani ni ye nga seningizimu: ni kupukele entabeni.
18Ni bone izwe ukuba li njani nabantu aba hlala kulo, ukuba ba namandhla noma aba namandhla, ukuba ba ingcozana noma baningi ini?
19Nokuba izwe li njani aba hlala kulo, ukuba lihle noma libi; nokuba imizi abahlala kuyo i njani nokuba amatente noma izinqaba iziqinileyo ini?
20Nokuba izwe li vundile noma a li vundile ini noma li nezinkuni noma a li nazo ini? Yimani isibindi ni buye nezitelo zezwe: Kwa se ku isikati sokuvutwa kwamavini.
21Ngako ba kupuka ba hlola izwe ba qala ehlane laseZini ba ze ba fika eRehobi uma ku yiwa eHamati.
22Ba kupuka ngaseningizimu ba ze ba fika eHebroni lapo kwa ku kona uAhimani noSheshai, noTalmai abantwana baka Anaki. iHebroni la lakiwe iminyaka e isikombisa li nga ka kiwa iZoani eEgipite.
23Ba fika esihlanjeni sa se Eshekoli ba ka kona igatya eli nesihleke si sinye samavini ba li twala ngoti kwa babili, ba buya namarimoni namakiwane.
24Indawo ya i bizwa ngokuti isihlambo sa seEshekoli, ngenxa yesihleke samavini aba kwa Israeli a ba sika kona.
25Ba buya ekuhloleni izwe emva kwezinsuku ezi amashumi amane.
26Ba ya ba fika kuAroni na kuMosi na kuyo inhlangano yonke ya ba kwa Israeli, ehlane laseParani eKadeshi, be za ukubabikela, inhlangano yonke, ba i bonisa izitelo zezwe.
27Ba m tyela ba ti sa fika ezweni o wa u si tume kulo, impela li vame ubisi nezinyosi, lezi izitelo zalo.
28Kepake abantu aba hlala kulo ba namandhla, nemizi i nezindonga mikulu: futi sa bona kona abantu baka Anaki.
29AmaAmeliki ake ezweni la seningizimu, namaHeti, namaJebusi namaAmori ake ezintabeni amaKenani ake nga selwandhle nanga seJordani.
30uKalebi wa tulisa abantu pambi kuka Mosi wa ti a senyuke kona manje si li dhle ngokuba si namandhla okulinqoba.
31Kodwa abantu a ba be hambe naye ba ti A si namandhla okukupuka ukulwa nabantu ngokuba ba namandhla ku nati.
32Ba veza izwi elibi ngezwe a ba be ye ukulihlolela aba kwa Israeli, be ti izwe e si hambe kulo uku ya kulihlola izwe e lidhla abakileyo kulo nabantu bonke e sa ba bona kulo, abantu abazimukileyo.
33Kona sa bona iziqwaga amadodana ka Anaki a ba iziqwaga, emehlweni etu sa ba njengezintete na semehlweni abo futi.