1NGALOLUSUKU ba funda encwadini ka Mosi ezindhlebeni zabantu okwa ku lotyiwe kuyo ukuti, amaAmoni namaMoabi, ba ngeze ba ngena enhlanganweni ka Tixo.
2Ngokuba be nga hlangabezanga abantwana baka Israeli ngesinkwa namanzi, kepa ba kokela uBalami ukuba a ba qalekise, kepa uTixo wetu wa pendula ukuqalekisa kwake ku be inhlanhla.
3Kwa ti lapo se be u zwile umteto, ba hlukanisa kubaIsraeli abantu aba xubene nabo.
4Pezu kwako konke loku uEliashibe umpristi e misiwe pezu kwamakamela endhlu ka Tixo wetu, wa hlangana noTobia;
5Wa be e m lungisele indawo enkulu lapo ngezikati ezi pambili, kwa ku bekwa kona iminikelo yokudhla, impepo, izitya, nokweshumi kwamabele, newaini elitya, namafuta okwa ku menyezelwe ukunikelwa kubaLevi, nabahlabeleli, nabalindi bamasango; neminikelo yabapristi.
6Kepa ngaso sonke lesikati nga ngi ngeko mina eJerusalema; ngokuba ngomnyaka wamashumi amatatu nambili ka Artasasta inkosi ya seBabulona, ngeza enkosini na sekupeleni kwezinsuku ezitile nga vunyelwa inkosi.
7Ngeza eJerusalema; ngezwa okubi uEliashibe a kwenzele uTobia lapo e m lungisele indawo ebaleni lendhlu ka Tixo.
8Loku kwa ngi hlupa kakulu; ngako nga i kipa impahla ka Tobia yonke, ku leyondhlu.
9Njalo nga tyo, ba lungisa ba hlanza lezo zindawo; nga buyisela kona izitya zendhlu ka Tixo, neminikelo yokudhla, nempepo.
10Nga bona ukuba izabelo zabaLevi aba zi nikwanga; ngokuba abaLevi nabahlabeleli abasebenzayo ba se be balekile kwa ilowo wa ya ensimini yake.
11Kona nga kulumisana nababusi nga ti ini ukuba indhlu ka Tixo i shiywe nje? Nga ba hlanganisa, nga ba beka ezindaweni zabo.
12Konake abaJuda bonke ba leta okweshumi kwamabele newaini elitya namafuta endhlini yemfuyo.
13Nga ba misa abagcini bemfuyo pezu kwendhlu yemfuyo, uShelemia umpristi, uZadoki umbali, kubaLevi, uPedaia; nga ku bona uHanani indodana ka Zakuri, indodana ka Matania, ngokuba kwa tiwa abatembekayo, kwa ku umsebenzi wabo ukwabela abafo wabo.
14Ngi kumbule Tixo wami nga leyo nto, u ngesuli izenzo zami ezinhle, e ngi zenzile endhlini ka Tixo wami, nezindawo zayo.
15Nga leyo mihla nga bona ngesabata abanye be nyatela izikamo zewaini, be leta izitungu zamabele, be twesa izimbongolo; newaini nezitelo zevini namakiwane, nemitwalo yonke, aba be yi ngenisa eJerusalema ngesabata; nga ba sola ngosuku aba tengisa ngalo ukudhla.
16Kwa ku hlala kona futi abantu ba seTire, aba leta izinhlanzi, nempahla eningi, ba tengisa ngayo kubantwana ba kwa Juda, na seJerusalema.
17Kona nga kulumisana nezikulu zakwa Juda, nga ti kuzo, Ini kona loku okubi e nikwenzayo, nona usuku lwesabata na?
18Oyihlo benu a benzanga ini okunje, noTixo wetu a kwehlisanga konke loku okubi pezu kwetu, na pezu kwa lomuzi na? Noko nina ni se hlisela ulaka olunye kuba Israeli ngokona isabata.
19Kwa ti lapo amasango a seJerusalema e se qala ukwenza amatunzi ku nga ka fiki isabata, nga tyo ukuba amasango a valwe, nga ti a nga vulwa ko ze ku dhlule isabata; nga misa izinceku zami emasangweni ukuba ku nga ngeniswa umtwalo ngesabata.
20Njaloke abatengisayo nabatengi bempahla yonke ba hlala nga pandhle komuzi wa seJerusalema kanye kabili.
21Kona nga ba sola nga ti kubo, ni hlalelani ngasodongeni na? Uma ni buye nenze njalo ngo ni bamba. Ngasemva kwaloku ka ba pindanga beze ngesabata.
22Nga yala abaLevi ukuba ba zihlambulule beze ba wa linde amasango, ukwahlukanisa usuku lwesabata. Ngi kumbule Tixo wami na nga lento, u ngi haukele njengomusa wako omkulu.
23Nga lezo zinsuku nga bona abaJuda aba be ganwe izintombi za seAshdodi ne za seAmoni ne za seMoabi;
24Abantwana babo ba kuluma ulimi lwa seAshdodi, incozana, be nge nako ukukuluma ulimi lwabaJuda, ba kuluma no ezilimi zabantu ngabantu.
25Nga ba tetisa, nga ba tuka, nga tyaya abanye babo, nga ba sipula izinwele, nga ba fungisa uTixo, nga ti, Ni nga niki amadodana abo izintombi zenu, ni nga tabateli amadodana enu izintombi zabo, ni nga zitabateli zona nani.
26uSolomona inkosi yabaIsraeli a konanga ini nga lezizinto na? Kepa ezizweni eziningi ya i ngeko inkosi e fana naye, o wa e tandeka kuTixo wake, uTixo wa m misa a be inkosi yaba Israeli bonke; kepa naye woniwa abafazi bezizwe.
27Tina po so lalela nina, senze okubi loku okukulu, sone kuTixo wetu, ngokutata abafazi bezizwe na?
28Omunye wamadodana ka Joiada, indodana ka Eliashibe umpristi omkulu, wa e umkwenyana ka Sanbalati umHoroni; ngako nga m xotya.
29Ba kumbule Tixo wami ngokuba ba ngcolisile ubupristi, nesivumelwano sabapristi, nesabaLevi.
30Njaloke nga ba hlukanisa kwa bezizwe bonke, nga misa izindawo zabapristi, nabaLevi, ku be ilowo emsebenzini wake.
31Nomnikelo wezinkuni, ngesikati ezimisiweyo, nezemilibo. U ngi kumbule Tixo wami ngokuhle.