1AMAZWI ka Nehemia indodana ka Hakalia. Kwa ti ngenyanga uKisleu, ngomnyaka wamashumi amabili, loku nga ngi kona eShushani esigodhlweni,
2Weza uHanani, omunye kwa ba kiti yena nabantu ba kwa Juda; Nga ba buza ngabaJuda abasindileyo a ba be sele kwabatunjwayo, na ngalo iJerusalema.
3Ba ti kimi, abaseleyo aba sala kwabatunjwayo kona ezweni, ba sekuhlupekeni okukulu nasehlazweni futi nodonga lwa seJerusalema lu bihlikile, namasango alo a tyiswe umlilo.
4Kwa ti lapo ngezwa lamazwi nga hlala pansi, nga kala izinyembezi nga dabuka kuleyo mihla nga zila ukudhla nga kuleka pambi kuka Tixo wa sezulwini,
5Nga ti ngi ya nxusa, Jehova, Tixo wa sezulwini, Tixo omkulu o sabekayo, o gcinako isivumelwano nomusa kwabamtandayo naba gcinayo imiyalo yake;
6Indhlebe yako ma i lalele amehlo ako ma a bheke, ukuze u zwe ukukuleka kwenceku yako e ngi ku kuleka pambi kwako kaloku nje, imini nobusuku, ngabantwana baka Israeli, izinceku zako, ngi bike izono zabo abantwana baka Israeli, e si zone kuwe; mina kanye nendhlu ka baba sonile.
7Tina senzile kabi impela kuwena a si gcinanga imiyalo, nezimiso, nemiteto e ya ku yalayo inceku yako uMosi.
8A ku kumbule ngi ya nxusa, izwi o wa li yala inceku yako uMosi wa ti uma nona, ngo ni cita pakati kwezizwe;
9Kepa uma ni ya penduka, ni ze kimi ni gcine imiyalo yami, ni yenze; nokuba be kona a ba kini abacitekileyo ekugcineni kwezulu, ngi ya kubabuta kona, ngi ba lete kulendawo e ngi yi ketile ukubeka kona igama lami.
10Ngako pela lezi zi izinceku zako, abantu bako, o wa ba kululayo ngamandhla ako amakulu, na ngesandhla sako esiqinileyo.
11Nkosi ngi ya kunxusa, indhlebe yako ma i zwe ukukuleka kwenceku yako, nokukuleka kwezinceku zako, ezi nenhliziyo yokwesaba igama lako; u yi busise, ngi ya kunxusa, inceku yako namhlanje, u yenze lendoda i yi beke ngomusa. Ngoba nga ngi ngopatayo isitya senkosi.