1WA buya wa ngena endhlini yokusonta: kwa ku kona umuntu o nesandhla esishwabeneyo.
2Ba m linda, uma u ya kumpilisa ngesabata, ukuba ba m tolise icala.
3Wa ti kumuntu o nesandhla esishwabeneyo, Suka u me.
4Wa ti kubo, Ku fanele ngesabata ukwenza okulungileyo nokwenza okubi, ukupilisa nokubulala na? Ba tula.
5Wa ba bhekisisa e tukutele, e dabukile ngobulukuni bezinhliziyo zabo, wa ti ku lomuntu, Yelula isandhla sako. Wa selula; isandhla sake sa piliswa, sa ba njengesinye.
6Abafarisi ba puma, ba tyetya benza icebo kanye nabaka Herodi, lokuba ba m bulale.
7uJesu wemuka nabafundi bake, wa ya ngaselwandhle; abantu abaningi ba m landela, be vela eGalile na seJudia,
8Na seJerusalema, na seDumia, na ngapesheya kweJordani; naba seTire neSidone, abantu abaningi, se be zwile a be kwenzile, beza kuye.
9Wa tyo kubafundi bake, ukuba umkunjana u m hlalele ngenxa yabantu, ba nga m cindezeli.
10Ngokuba e be pilise abaningi, ba za ba minyana pezu kwake, ukuba ba m pate bonke aba be nezifo.
11Omoya ababi, be m bona, ba wa pambi kwake, ba kala ba ti, Wena u iNdodana ka Tixo.
12Wa ba yala kakulu ukuba ba nga m zwakalisi.
13Wenyuka wa ya entabeni, wa ba bizela kuye njengentando yake; beza kuye.
14Wemisa aba ishumi nambili, ukuba ba be naye, a ba tume ba ye ukushumayela,
15Ba be namandhla okupilisa izifo nokukipa amademone.
16uSimone wa m qamba igama lokuti uPetro;
17uJakobe ka Zebedi, noJohane umfo wabo ka Jakobe, wa ba qamba amagama okuti, o Boanergese oku ukuti, Amadodana okuduma,
18noAndrea, noFilipu, noBartolome, noMateu, noTomasi, noJakobe ka Alfeu, noTadeu, noSimone, uMkanani.
19noJuda uIskarioti, owa m nikelayo Ba ngena endhlini.
20Abantu ba buya ba butana, a kwa bako ituba lokuba ba dhle ukudhla.
21Aba kubo, se be zwile, ba puma, ba ya kumbamba; ba ti, u ya ndiyaza.
22Ababali abehla eJerusalema ba ti, U noBelzebule; u kipa amademone ngenkosi yamademone.
23Wa ba biza, wa kuluma kubo ngemifanekiso yokuti, uSatani a nga kipa kanjani uSatani na?
24Uma umbuso wahlukene wodwa, lowombuso u ngeme.
25Nendhlu uma yahlukene yodwa, leyondhlu i ngeme.
26uSatani uma e zivukela yena, ahlukene yedwa, a ngeme, u za kuciteka.
27A ku ko umuntu o nga ngena endhlini yesiqwaga, a pange impahla yaso, e nga qali a bope isiqwaga, andu kupanga indhlu yaso.
28Ngi qinisile ngi ti kini, Abantwana babantu ba ya kutetelelwa ukona konke, nokutuka aba tuka ngako;
29Kodwa lowo o tuka uMoya o ingcwele, ka nakutetelelwa napakade, u se necala lokulahlwa okupakade.
30Ngokuba ba ti, U nomoya omubi.
31Kwa fika unina nabafo wabo, bema ngapandhle, ba tumela kuye, be m biza.
32Abantu ba be hlezi kuye, ba ti kuye, Nangu unyoko nabafo wenu ngapandhle, be ku funa,
33Wa ba pendula wa ti, Ubani umame nabafo wetu na?
34Wa ba qalaza aba be hlezi nga kuye, wa ti, Bhekani, nangu umame nabafo wetu.
35O yenza intando ka Tixo, uyena umfo wetu, nodade wetu, nomame.