1LAPO be sondela eJerusalema, eBetfage neBetani, nga sentabeni yemihlwati, wa tuma ababili kubafundi bake.
2Wa ti kubo, Hambani ni ye emzaneni o bhekene nani; se ni ngene kuwo ni ya kufumana itole lembongolo li botyiwe, oku nga zanga ku hlale kulo umuntu; li tukululeni, ni li lete.
3Uma umuntu e ti kini, Nenzelani loku? ni ti, Inkosi i ya li funa; kona u za kulitumela lapa.
4Ba ya, ba fumana itole lembongolo li botyiwe nga sesangweni ngapandhle, endhleleni; ba li tukulula.
5Abanye kwabemi lapo ba ti kubo, Nenzani, ni tukulula itole na?
6Ba tyo kubo njengokutyo kuka Jesu; ba ba yeka.
7Ba leta itole kuJesu, ba beka izingubo zabo pezu kwalo; wa hlala pezu kwalo.
8Abaningi bendhlala izingubo zabo endhleleni; abanye ba gaula amahlamvu emiti, ba wendhlala endhleleni.
9Aba be hamba pambili, naba be landela, ba memeza, be ti, Hozana, u ya bongwa ozayo ngegama leNkosi.
10A ku bongwe umbuso ka Davida, ubaba wetu ozayo ngegama leNkosi; Hozana kwelipezulu.
11uJesu wa ngena eJerusalema na setempelini; se e qalaze izinto zonke, se ku hlwile, wa puma wa ya eBetani kanye naba ishumi nambili.
12Ngangomso ekupumeni kwabo eBetani wa lamba.
13Wa bona umkiwane u kude u namaqabunga, wa ya e ti kumbe a nga fumana into kuwo; se e fikile kuwo a ka fumananga luto, amaqabunga kupela; kwa ku nga ka bi ko isikati samakiwane.
14uJesu wa kuluma wa ti kuwo, A ku nga bi ku sa dhla umuntu izitelo zako na pakade. Abafundi bake bezwa.
15Ba fika eJerusalema; uJesu wa ngena etempelini, wa qala ukukipa abatengiselana etempelini, wa gumbuqela amatebula abatyentyisa imali, nezihlalo zabatengisa ngamajuba.
16E nga vumi nokuba umuntu a dabule itempeli, e twele isitya.
17Wa fundisa wa ti kubo, A ku lotyiwe ini ukuti, Indhlu yami i ya kutiwa indhlu yokukuleka ezizweni zonke; kodwa nina ni yenze umhume wabapangi.
18Ababali nabapristi abakulu bezwa, ba funa ukuba ba nga m bulala kanjani; ngokuba ba m esaba, loku abantu bonke ba mangala ngokufundisa kwake.
19Se ku hlwile wa puma emzini.
20Kusasa be sa dhlula, ba bona umkiwane womile na sezimpandeni.
21uPetro e kumbula wa ti kuye, Nkosi, bheka, umkiwane o u tukileyo u bunile.
22uJesu wa pendula wa ti kubo, Kolwani uTixo.
23Ngi qinisile ngi ti kini, Lowo o ya kuti ku lentaba, Suka, u ponseke elwandhle, e nga ngabazi enhliziyweni yake, kodwa e kolwa ukuba ku ya kwenzeka loku a ku tyoyo, u ya kuba nako a ku tyoyo.
24Ngaloku ngi ti kini, Konke eni ku celayo ngokukuleka, kolwani ukuba ni ya ku kwamkeliswa, kona ni ya kuba nako.
25Nxa ni mi ni kuleka, tetelelani, uma umuntu e necala kini, ukuba uYihlo o sezulwini a ni tetelele izono zenu.
26Kodwa uma ni nga teteleli, njalo uYihlo wenu o sezulwini a ka yi kunitetelela izono zenu.
27Ba buya ba fika eJerusalema; e sa hamba etempelini, kweza kuye abapristi abakulu nababali, namalunga,
28Ba ti kuye, Lezizinto u zenza ngamapi amandhla na? ubani o ku nike amandhla okwenza lezizinto na?
29uJesu wa pendula wa ti kubo Nami ngi ya kunibuza into i benye, ni ngi pendule; kona ngi ya kunityela amandhla engenza ngawo lezizinto.
30Ukubapatiza kuka Johane kwa vela ezulwini, nokuba kubantu na? Ngi penduleni.
31Ba zindhlisana ba ti, Uma si ti, Ezulwini, u ya kuti, A ni kolwanga uye ngani na?
32Kodwa uma si ti, Kubantu; besaba abantu; ngokuba bonke ba ti, uJohane wa e ngumprofeti impela.
33Ba pendula ba ti kuJesu, A sazi. uJesu wa pendula wa ti kubo, Nami a ngi yi kunityela amandhla engenza ngawo lezizinto.