1WESUKA lapo, weza ezweni la seJudia, e dabula izwe ngapesheya kweJordani; abantu ba buya ba butana kuye, wa pinda wa ba fundisa njengokwenza kwake.
2Kweza kuye abaFarisi, ba m buza ukuba ku vunyelwe umuntu ukulahla umkake, be m linga.
3Wa pendula wa ti kubo, Umosi wa ni yala ngokutini na?
4Ba ti, Umosi u be vuma ukuba a lobe incwadi yokwahlukanisa, a m lahle.
5uJesu wa pendula wa ti kubo, ngenhliziyo zenu ezilukuni wa ni lobela lomteto:
6Kodwa ekuqaleni kokudabuka uTixo wa benza isilisa nesifazana.
7Ku nga loku umuntu u ya kushiya uyise nonina, a bambelele kumkake.
8Labo babili ba ya kuba inyamanye; njalo a ba se babili, ba inyamanye.
9Loko uTixo a ku hlanganisileyo, ma ku ngahlukaniswa umuntu.
10Be sendhlini abafundi bake ba buya ba m buza ngaloko.
11Wa ti kubo, Lowo o lahla umkake, a ganwe omunye u necala lokupinga kuye.
12Nomfazi uma e lahla umyeni wake, a gane omunye, u ya pinga.
13Ba leta abantwana kuye, ukuba a ba pate; abafundi ba ba kuza ababaletayo.
14Kodwa uJesu e bona loko, wa cunukala, wa ti kubo, Vumelani abantwana beze kimi, ni nga ba nqabeli, ngokuba umbuso ka Tixo u ngowabanjalo.
15Ngi qinisile ngi ti kini, Lowo o ngamkeli umbuso ka Tixo njengomntwana, a nge ngene kuwo.
16Wa ba gona, wa beka izandhla pezu kwabo, wa ba kulekela.
17Se e pumele endhleleni, kwa fika umuntu, e gijima, wa guqa kuye, wa m buza e ti, Mfundisi olungileyo, ngi ya kwenzani ukuba ngi dhle ifa lokupila okupakade na?
18uJesu wa ti kuye, U ngi bizelani u ti ngi lungile na? A ku ko olungileyo, munye kupela, uTixo.
19U ya yazi imiyalo, U nga pingi; U nga bulali; U ngebi; U nga qiniseli amanga; U ngamuki umuntu uto; Dumisa uyihlo nonyoko.
20Wa pendula wa ti kuye, Mfundisi, loku konke ngi ku gcinile kwa sebutyeni bami.
21uJesu e m bheka, wa m tanda, wa ti kuye, U swele into inye; hamba u tenge ngako o nako, u pe abampofu; u ya kuba nemfuyo ezulwini; u ze u tabate isipambano, u ngi landele.
22Wa nyukumala nga lokokutyo, wemuka e dabukile, ngokuba wa e nemfuyo eningi.
23uJesu wa qalaza, wa ti kubafundi bake, Yeka ku lukuni kwaba nemfuyo ukungena embusweni ka Tixo.
24Abafundi ba mangala ngamazwi ake. uJesu wa buya wa pendula, wa ti kubo, Yeka, bantwana, ku lukuni kwabetemba imfuyo ukungena embusweni ka Tixo.
25Ku lula ukuba ikameli li ngene entunjeni yosungulo, ku nokuba ofuyileyo a ngene embusweni ka Tixo.
26Ba mangala kakulu, ba kuluma, be ti, Ubani o nga sindiswa na?
27uJesu e ba bheka, wa ti, Kubantu ku ngenzeke; kodwa a ku njalo kuTixo; ngokuba kuTixo ku ngenzeka konke.
28uPetro wesuka wa ti kuye, Bheka tina si shiye konke, si ku landele.
29uJesu wa pendula wa ti, Ngi qinisile ngi ti kini, A ku ko umuntu o shiye indhlu, nabafo wabo, nodade wabo, noyise, nonina, nomfazi, nabantwana, namazwe, ngenxa yami neyevangeli,
30O nga yi kwamkeliswa ikulu ku lesi sikati, izindhlu, nabafo wabo, nodade wabo, nonina, nabantwana, namazwe, kanye nezinhlupeko, na sezweni elizayo ukupila okupakade.
31Kepa abaningi abokuqala bo ba abokupela, nabokupela bo ba abokuqala.
32Ba be sendhleleni, be kupukela eJerusalema; uJesu wa hamba pambi kwabo; ba mangala, ba m landela, besaba. Wa buya wa tabata aba ishumi nambili, wa qala ukubatyela oku za kumehlela.
33Wa ti, Bhekani, si kupukela eJerusalema, iNdodana yomuntu i ya kunikelwa kubapristi abakulu nababali, ba ya kuilahla ukuba i fe, ba i nikele kwabezizwe.
34Ba i hleke, ba i tyaye, ba i fele ngamate, ba i bulale; kepa ngosuku lwesitatu yo buya, i vuke.
35Kwa fika kuye uJakobe noJohane, amadodana ka Zebedi, ba ti, Mfundisi, si ya tanda ukuba u senzele loko esi ya kucela.
36Wa ti kubo, Ni tanda ngi nenzeleni na?
37Ba ti kuye, Si pe ukuba si hlale, omunye ngakwesokunene sako, omunye ngakwesokohlo sako ebukosini bako.
38uJesu wa ti kubo, A ni kwazi eni ku celayo. Ni nga puza isitya engi si puzayo na? ni nga bapatizwa ngokubapatizwa e ngi bapatizwa ngako na?
39Ba ti kuye, si ngenza. uJesu wa ti kubo, Nembala ni ya kupuza isitya engi si puzayo, ni bapatizwe ngokubapatizwa engi bapatizwa ngako;
40Kepa ukuhlala ngakwesokunene sami, na ngakwesokohlo, a siko okwami ukupa; ba ya kupiwa aba ku lungiselweyo.
41Be ku zwa loko aba ishumi, ba qala ukucunuka ngoJakobe noJohane.
42Kepa uJesu wa ba biza, wa ti kubo, Ni yazi ukuba amakosi ezizwe a ya zi busa, nabakulu bazo ba namandhla pezu kwazo.
43A ku yi kuba njalo pakati kwenu; kodwa o tanda ukuba mkulu pakati kwenu, ka be isikonzi senu.
44Notanda ukuba owokuqala kini, ka be inceku yabo bonke.
45iNdodana yomuntu a i zanga ukukonzwa, kodwa yeza ukukonza, nokunika ukupila kwayo, ku be isihlaulo sabaningi.
46Ba fika eJeriko; se e puma eJeriko nabafundi bake, nabantu abaningi, uBartimeo impumpute, indodana ka Timeo, wa e hlezi nga sendhleleni e cela.
47E sezwa ku tiwa uJesu wa seNazareta, wa qala ukumemeza nokuti, Jesu, Ndodana ka Davida, ngi haukele.
48Ba m kuza abaningi ukuba a tule; kona wa memeza kakulu, e ti, Ndodana ka Davida ngi haukele.
49Wema uJesu, wa ti, ma ka bizwe. Ba i biza impumpute, ba ti kuyo Yima isibindi, u suke, u ya kubiza.
50Wa beka ingubo yake, wesuka weza kuJesu.
51uJesu wa pendula wa ti kuyo, U tanda ukuba ngi kwenzeleni na? Ya ti impumpute kuye Nkosi, ngi tanda ukuba ngi bone.
52uJesu wa ti kuyo, Hamba, u sindiswe ukukolwa kwako. Ya se i bona, ya m landela uJesu endhleleni.