1AU kumina! ngokuba ngi njengokuvunwa kwamakiwane ehlobo, njengokubutwa kwezinwazi; si ngeko isihleke sokudhliwa: umpefumlo wami u ya fisa ulibo lwamakiwane.
2Omnene u bubile emhlabeni; a muko noqoto ebantwini; bonke ba ya camela igazi, ba ya tiya ilomuntu umfo wabo ngeneta.
3Izandhla zozibili zi ya kulalela okubi; isikulu si ya celela, nomahluli u ya celela inkokelo; naye omkulu u ya kuluma ukufisa kompefumlo wake: ku njalo ba ya kwalukanisa.
4Abahle babo ba njengeva, oqoto u hlaba ku nameva enileyo; usuku lwabalindi bako, nolokubukwa kwako lu yeza; kaloku ko ba kona ukukatazeka kwabo.
5Ni nga kolwa kuye umgane, ni nga tembi emhlotyeni: gcina iminyango yomlomo wako kuye umfazi olalayo esifubeni sako.
6Ngokuba indodana i ya hlazisa uyise, indodakazi i ya vukela unina, umalukazana a vukela uninazala; abazondi bomuntu ba ngabantu bendhlu yake.
7Kepa mina ngo bheka kuJehova; ngo hlalela uTixo umSindisi wami: uTixo wami wo ngi zwa.
8U ngetabi pezu kwami, Sita sami; nxa ngi wa pansi, ngi ya kuvuka; nxa ngi hlezi ebumnyameni, uJehova u ngukukanya kimi.
9Ngo twala ulaka luka Jehova, ngokuba ngi m onile, a ze a pike ukupika kwami, a ngenzele ukwahlula: wo ngi pumisela ekukanyeni, ngo bona ukulunga kwake.
10Lapo isita sami so bona, ko ti ukujaba ku si sibekele, e si be si tyo kimi, ukuti, U pi yena uJehova uTixo wako na? amehlo ami o si bona: kaloku si ya kunyatelwa pansi njengodaka lwezindhlela.
11Ngosuku lokwaka izindonga zako, ngalolosuku isiyalezelo so suka.
12Ngalolosuku yena u ya kuza kuwe o suke eAshuri, na semizini ebiyiweyo, o suke futi enqabeni na semfuleni, naselwandhle ku suke elwandhle, na sentabeni ku ze ku be sentabeni.
13Noko izwe li ya kuba incitakalo ngenxa yabo aba hlezi kulo, ngaso isitelo sokwenza kwabo.
14Funza abantu bako ngodondolo lwako, izimvu zokuzuza kwako e zi hlezi zodwa ehlatini, ngapakati kweKarmeli: ma zi dhle eBashane na seGiladi njenga sezinsukwini zamandulo.
15Njenga semihleni yokupuma kwako ezweni la sEgipite ngo ba bonisa imimangaliso.
16Izizwe zo bona zi jabe emandhleni onke azo: ba zo beka isandhla emlonyeni, izindhlebe zazo zo ba butuntu.
17Zo kota utuli njengenyoka; njengezikasayo zomhlaba zo zamazama ekuvalekeni kwazo; ba ya kututumela ngaye uJehova uTixo wetu, besabe ngawe.
18Ubani o nguTixo njengawe o susa isono, o dhlulela esipambekweni sabensalo yokuzuzwa kwake? a ka gcini ulaka lwake ku ze ku be pakade, ngokuba u ya tokoza emuseni yena.
19Wo penduka, wo si haukela: wo nyatela pansi izipambeko zetu; Wena wo ponsa zonke izono zabo ebudeni bolwandhle.
20Wo nika iqiniso kuJakobe, nomusa kuAbrahama, o fungile kubo obaba betu emihleni ya sendulo.