1KU ya kuti ngezinsuku ezilandelayo intaba yendhlu ka Jehova i ya kuqiniswa esihlokweni sezintaba, Yona i zo pakama ku nezintaba; ko ti ba hambele kuyo abantu.
2Futi izizwe eziningi zi ya kuza, zi tyo ukuti, Zanini si kupukele entabeni ka Jehova, kuyo indhlu ka Tixo ka Jakobe: Yena wo si fundisa ngezindhlela zake, tina si ya kuhamba emikondweni yake: ngokuba umteto wo puma kulo iZioni, nezwi lika Jehova kulo iJerusalema.
3Ko ti a bahlule abantu abaningi, a lungise izizwe ezi namandhla ezi kude; ku ya kuti ba kande izinkemba zabo zi be amageja, nemikonto yabo i be imimese yokugenca: isizwe a si yi ku pakamisela isizwe inkemba, ba nge be be sa funda ukulwa futi.
4Kepa ba ya kuhlala ilomuntu pansi kwevini lake, na pansi komkiwane wake; ku ngeko otusayo, ngokuba umlomo ka Jehova wamabandhla u ku kulumile.
5Ngokuba abantu bonke ba ya kuhamba ilomuntu ngegama lesitixo sake; kepa tina so hamba ngegama lika Jehova uTixo wetu ku ze ku be pakade napakade.
6Nga lolosuku u tyo uJehova ngo m buta oqukayo, ngi hlanganise yena oxotyiweyo, naye e ngi m hlupileyo.
7Futi ngo beka yena oqukayo a be insalo, naye o lahlelwe kude a be isizwe esi namandhla; ko ti uJehova a buse pezu kwabo entabeni iZioni kwa kaloku ku ze ku be pakade.
8Kepa wena, Nqaba yomhlambi, ukalo lwendodakazi ya seZioni ko fika kuwe, yebo ukubusa kokuqala ku ya kuza, ku ti umbuso kuyo indodakazi ya seJerusalema.
9Kaloku u kalelani ngokumemeza na? a yiko inkosi kuwe? umyali wako u bubile na? ngokuba ubuhlungu bu ku bambile njengobeletayo.
10Yiba nobuhlungu, u pumule Ndodakazi ya seZioni, njengobeletayo; ngokuba kaloku wo puma emzini, u hlale endhle, wo ya pela eBabulona; lapo wo sindiswa; lapo uJehova wo ku hlaulela esandhleni sabazondi bako.
11Kalokuke izizwe eziningi zi hlanganiswe nga kuwe, e zi ti, Ma i ngcoliswe, amehlo etu a beke, pezu kweZioni.
12Kepa zona a zi yazi imicabango ka Jehova, a zi qondi amacebo ake: ngokuba wo zi buta njengezinyanda esibuyeni.
13Vuka u bule, Ndodakazi ya seZioni: ngokuba ngo beka upondo lwako lu be insimbi, nezinselo zako ngo zi beka zi be itusi; wena wo fohloza izizwe eziningi: ngo hlukanisela uJehova ukupangwa kwabo, nengcebo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.