1IZWI lika Jehova e li be kuye uMika uMorashti ngezinsuku zika Jotami, noAhazi, noHezekia amakosi a seJuda, o wa li bona ngeSamaria neJerusalema.
2Yizwani, Bantu nonke; lalela, Lizwe, nokugcwala kwako: Ku ya kuti iNkosi uJehova i be ufakazi nga kini; iNkosi i setempelini lake eli ingcwele.
3Ngokuba uJehova u ya puma endaweni yake. Yena u ya kweuka, a nyatele pezu kwezindawo ezipakamileyo zezwe.
4Ko ti izintaba zi ncibilike pansi kwake, nezigodi zi datyulwe, njengengcino pambi komlilo, njengamanzi a telwa pansi eliweni.
5Loku konke ku ngenxa yokupambeka kuka Jakobe, na ngenxa yokona kwendhlu ya seIsraeli. Ku yini ukupambeka kuka Jakobe? a silo iSamaria na? Zi yini izindawo ezipakamileyo zika Juda? a silo iJerusalema na?
6Ngako ngi ya kwenza iSamaria li be incwaba yomhlabati, li be ukutyalwa kwamasimu esinwazi: ngo tela pansi esigodini amatye alo, ngi zibukule nezisekelo zalo.
7Ku ya kuti imifanekiso yalo ebaziweyo yonke i fohlozwe, nemivuzo yalo yonke i tyiswe emlilweni, nezitombe zonke zalo ngo zi citakalisa: ngokuba li yi butile ngomvuzo wesipingi, yo buyela nasemvuzweni wesipingi.
8Nga loku ngo lila, ngi kale; ngo ya ngi hlubulwe ngi hambaze: ngi ya kwenza isililo njengamankentyane, ngi kale njengezikova.
9Ngokuba ukulinyazwa kwalo a ku nge poliswe; ngokuba ku zile kulo iJuda; ku finyelele kulo isango labantu bami, kulo iJerusalema.
10Ma ni nga ku tyeli eGati, ma ni nga lili nakanye; endhlini ya seAfra ma u buquze otulini.
11Dhlulelani nina e ni hlezi eShaferi ni hlubulwe ni sehlazweni: o hlezi eZanani a ka pumanga esililweni sa seBeth-ezeli; u ya kwamkela kini ukuma kwake.
12Kepa ohlezi eMaroti wa fisa okuhle: kepa kwa vela kuJehova kwehlela esangweni la seJerusalema.
13Wena o hlezi eLakishi bopa incwele ehashini e li nejubane: lona li inhloko yesono kuyo indodakazi ya seZioni; ngokuba izipambeko za seIsraeli za funyanwa kuwe.
14Ngako wo zi pa izipiwo kuMoresheti-Gati: izindhlu za seAkzibi zo ba inkohliso kuwo amakosi a seIsraeli.
15Noko ngo zisa kuwe umudhli wefa, Wena o hlezi eMaresha; u ya kuza kuAdulamu u ukukazimla kwa seIsraeli.
16Zenze u be impandhla, u pucule ngenxa yabantwana bokwenama kwako; Yenza impandhla yako i be nkulu njengokozi; ngokuba ba tunjiwe kuwe.