1WA ngena emkunjini, wa wela, weza emzini wa kubo.
2Ba leta kuye umuntu o iparalio, e lele embedeni. uJesu e bona ukukolwa kwabo, wa ti ko iparalio, Mtanami, yima isibindi, u tetelelwe izono zako.
3Kona ababali abatile ba kuluma be ti, lo u ya ganga.
4uJesu e kwazi ukuzindhla kwabo, wa ti. Ni zindhlelani okubi ngezinhliziyo zenu na?
5Ukupi okulula, ukuti, U tetelelwe izono zako; nokuti, Suka, u hambe na?
6Kepa ukuze nazi ukuba iNdodana yomuntu i namandhla emhlabeni okutetelela izono, wa ti ko iparalio, Suka, u tabate umbede wako, u ye endhlini yako.
7Wesuka wa ya endhlini yake.
8Abantu be ku bona, ba mangala, ba m dumisa uTixo o nike abantu amandhla a ngaka.
9uJesu e sa dhlula lapo, wa bona umuntu e hlezi endaweni yokutela imali, o tiwa uMateu, wa ti kuye, Ngi landele. Wesuka, wa m landela.
10Kwa ti e se cambalele ekudhleni endhlini, kwa fika abaningi abatelisi nezoni, ba cambalala noJesu nabafundi bake.
11Abafarisi be bona loko, ba ti kubafundi bake, Ini ukuba umfundisi wenu a dhle nabatelisi nezoni na?
12uJesu e zwile, wa ti kubo, Abapilileyo a ba dingi inyanga; abagulayo bodwa.
13Hambani ni funde ukuba ku tini loku, ukuti, Ngi ya tanda isisa, a ngi tandi iminikelo, a ngi ze ukubiza abalungileyo; ngi ze ukubiza izoni zi penduke.
14Kona kwa fika kuye abafundi baka Johane, ba ti, Ini ukuba si zile ukudhla futifuti, tina nabaFarisi, be nga zili abafundi bako na?
15uJesu wa ti kubo, Abayeni ba nga kala ini umyeni e se nabo na? Kodwa ku za kufika izinsuku, lapo umyeni e ya kususwa kubo, bandu kuzila.
16A ku ko muntu o beka isiziba esitya engutyeni endala; loku isiziba esinjalo si nga hxebula ingubo, kwande ukuhxebuka.
17Njalo a ku telwa iwaini elitya ezimvabeni ezindala; ku nga ti izimvaba zi qume, iwaini li citeke, izimvaba zonakale; kodwa iwaini elitya li telwa ezimvabeni ezintya, ku londeke kokubili.
18E sa kuluma loku kubo, kwa fika umbusi, wa kuleka kuye, wa ti, Indodakazi yami se i file; kepa wo za, u beke isandhla sako pezu kwayo, i za kupila.
19Wesuka uJesu wa m landela, nabafundi bake.
20Umfazi owa be nesifo sokopa igazi iminyaka e ishumi nambili, weza emva kwake, wa pata umpeto wengubo yake:
21Wa ti enhliziyweni, Uma ngi namata ingubo yake kodwa, ngi za kusinda.
22uJesu wa penduka, e m bona wa ti, Mtanami, yima isibindi; ukukolwa kwako ku ku sindisile, Umfazi wa sinda nga lesosikati.
23uJesu e se fikile endhlini yombusi, wa bona abahlabeleli, nabantu be xokozela.
24Wa ti kubo, Dedani, intombazana a i file, i lele. Ba m hleka usulu.
25Kepa, se be kityiwe abantu, wa ngena, wa i bamba ngesandhla, ya vuka intombazana.
26Kwezwakala leyondaba ku lelozwe lonke.
27uJesu e se suka lapo, za m landela izimpumpute ezimbili, za kala za ti, Si haukele, Ndodana ka Davida.
28Se e ngene endhlini izimpumpute zeza kuye, uJesu wa ti kuzo, Ni ya kolwa ukuba ngi nga kwenza loku na? Za ti kuye, Yebo, Nkosi.
29Kona wa pata amehlo azo, wa ti, A ku be kini njengokukolwa kwenu.
30A ti amehlo azo a vuleka; uJesu wa zi yalisisa, wa ti Bhekani ku ngaziwa umuntu.
31Kepa za puma, za m dumisa ku lelozwe lonke.
32Ekupumeni kwazo, kwa letwa kuye umuntu o isitulu e nedemone.
33Idemone se li kityiwe, isitulu sa kuluma; abantu ba mangala, ba ti, A ku zanga ku bonwe okunjalo kwa Israeli.
34Kodwa abaFarisi ba ti, U ya kipa amademone ngenkosi yamademone.
35uJesu wa dabula imizi yonke nemizana, wa fundisa ezindhlini zokusonta zabo wa shumayela ivangeli lombuso, wa ba pilisa abantu izifo zonke nokugula konke.
36E bona abantu, wa ba haukela, ngokuba ba katele, be citekile, be njengezimvu ezi nge namalusi.
37Kona wa ti kubafundi bake, Ukuvuna ku kulu, kodwa zi incozana izisebenzi.
38Nxusani iNkosi yokuvuna, ukuba, i tume izisebenzi zi ye ekuvuneni kwayo.