1SE e bonile isixuku, wenyukela entabeni; e hlala pansi, abafundi bake beza kuye.
2Wa vula umlomo wake, wa ba fundisa, e ti,
3Ba busisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu u ngowabo.
4Ba busisiwe abakalayo, ngokuba ba ya kutokoziswa.
5Ba busisiwe abamnene, ngokuba ba ya kudhla ifa lezwe.
6Ba busisiwe abalambele bomele ukulunga, ngokuba ba ya kusuta.
7Ba busisiwe aba nesihau, ngokuba ba ya kuhaukelwa.
8Ba busisiwe abamhlope ngenhliziyo, ngokuba ba ya kubona uTixo.
9Ba busisiwe abalamulayo, ngokuba ba ya kutiwa abantwana baka Tixo.
10Ba busisiwe abahlutywa ngokulunga, ngokuba umbuso wezulu u ngowabo.
11Ni busisiwe nxa be ni tuka, ba ni hlupe; ba ni qambele okubi konke ngami.
12Jabulani, ni tokoze, ngokuba umvuzo wenu umkulu ezulwini; ba hlupa njalo abaprofeti abananduleleyo.
13Nina ni usaoti wezwe; kepa uma usaoti e dumele, ko yoliswa ngani na? a u sa fanele luto, kupela ukulahlwa ngapandhle, nokunyatelwa abantu.
14Nina ni ukukanya kwezwe. Umuzi owakiwe entabeni u nge siteke.
15A sokelwa isibani, si bekwe pansi kwesitya; si ya fakwa otini, si ba kanyisele bonke aba sendhlini.
16Njalo a ku kanye ukukanya kwenu pambi kwabantu, ukuba ba bone imisebenzi yenu elungileyo, ba dumise uYihlo wenu o sezulwini.
17Ni nga ti, ngi ze ukucita umteto nabaprofeti; a ngi zanga ukucita, ngi ze ukugcwalisa.
18Ngi qinisile ngi ti kini, ku nga ka dhluli izulu nomhlaba, ku nge dhluli ibalana li linye, nesicatyana si sinye somteto, ku ze kwenziwe konke.
19Owapula u be munye ku lemiyalo emncinyane, a fundise abantu okunjalo, u ya kutiwa omncinyane embusweni wezulu, kepa o yenza a i fundise, lowo u ya kutiwa omkulu embusweni wezulu.
20Ngi ti kini, uma ukulunga kwenu ku nga dhluli okwababali nokwabaFarisi, ni nge ngene embusweni wezulu.
21Ni zwile kwa tiwa kwabendulo, U nga bulali; obulalayo wo ba necala lokulahlwa.
22Kepa mina ngi ti kini, Lowo otukutelela umfo wabo ngeze, wo ba necala lokulahlwa; notycyo kumfo wabo ukuti, Silima, wo ba necala empakatini; notyoyo ukuti, Siula, wo ba necala lokulahlwa egehena lomlilo.
23Nxa u nikela umnikelo wako elatini, u sa kumbula lapo ukuba u necala kumfo wenu;
24Shiya lapo umnikelo wako pambi kwelati, qala u ye, u buyisane nomfo wenu, kona u ya kuza, u nikele umnikelo wako.
25Tyetya u buyisane nokumangalelayo, u se sendhleleni naye, funa okumangalelayo a ku nikele kumahluli, umahluli a ku nikele kulo ipolisa, u fakwe etilongweni.
26Ngi qinisile ngi ti kuwe, A u sa yi kupuma kona, u nga ka koki imalana yokupela.
27Ni zwile kwa tiwa kwabendulo, U nga pingi.
28Kepa mina ngi ti kini, Lowo o buka umfazi, a m kanuke, u se pingile naye ngenhliziyo yake.
29Uma iso lako lokunene li konisa, li kipe, u li lahle; ngokuba kuhle kuwe, ukuba ku fe li be linye kuwo amalungu ako, ku nokuba umzimba wonke wako u lahlwe egehena.
30Noma isandhla sako sokunene si konisa, si nqume, u si lahle; ngokuba kuhle kuwe, ukuba ku fe li be linye kuwo amalungu ako, ku nokuba umzimba wonke wako u lahlwe egehena.
31Kwa ku tyiwo ukuti, O lahla umkake, a ka m nike incwadi yokwahlukana.
32Kepa mina ngi ti kini, O lahla umkake, e nge nacala lokupinga u ya m pingisa; noganwa olahliweyo, u ya pinga.
33Futi ni zwile kwa tiwa kwabendulo, U nga fungi amanga u qinise eNkosini izifungo zako.
34Kepa mina ngi ti kini, Ni nga fungi nakanye; ni nga fungi izulu; ngokuba li isihlalo sika Tixo.
35Ni nga fungi nomhlaba; ngokuba u isenabelo sake; neJerusalema; ngokuba li umuzi weNkosi enkulu.
36U nga li fungi nekanda lako; ngokuba a u nakupendula nalunye unwele lu be mhlope, nokuba lu be mnyama.
37Kepa izwi lenu a li be ukuti, Yebo, yebo, qa, qa. Okudhlula loku ku vela kokubi.
38Ni zwile kwa tiwa, Iso ngeso, izinyo ngezinyo.
39Kepa mina ngi ti kini Ni ngemelani nokubi; kepa o za kukutyaya esihlatini sokunene, m pendulele nesinye.
40No tanda ukukumangalela, a kwamuke ibantyi, m nike nengubo.
41No ku quba imaili li linye, hamba naye a be mabili.
42Mu pe o cela kuwe; u nga m fula teli o tanda ukutyeleka kuwe.
43Ni zwile kwa tiwa, Wo tanda owakelene nawe, u zonde isita sako.
44Kepa ngi ti kini, Tandani izita zenu ni ba busise aba ni tukayo ni ba pate kahle aba ni zondayo, ni ba nxusele aba ni hlebayo, naba ni hlupayo;
45Ukuba ni be abantwana baka Yihlo o sezulwini; yena u pumisa ilanga lake pezu kwababi nabahle, u nisa imvula pezu kwabalungileyo nabangalungile.
46Uma ni tanda aba ni tandayo ni nomvuzo muni na? a benzi njalo abatelisi na?
47Uma ni bingelela abafo wenu bodwa, ni ba dblula abanye ngani na? a benzi njalo abezizwe na?
48Pelelani njengoYihlo o sezulwini u pelele.