1NGA lesosikati uJesu wa dabula emasimini ngesabata; abafundi bake ba lamba, ba qala ukuka izikwebu, ba zi dhla.
2AbaFarisi be bona, ba ti kuye, Bheka, abafundi bako ba yenza okungafanele ukwenziwa ngesabata.
3Wa ti kubo, A ni fundanga ini okwenziwa uDavida msukwana e lambile, yena nabo aba be naye?
4Ukuti, wa ngena endhlini ka Tixo, wa dhla izinkwa zokubekwa, ezi nga fanele ukudhliwa uye, nabo aba be naye, kupela abapristi?
5A ni fundanga ini emtetweni ukuti, ngesabata abapristi ba lapula isabata etempelini, be nge nacala?
6Ngi ti kini, U kona lapa omkulu ku netempeli.
7Kepa uma na be ni kwazile ukuba ku ini loku, ukuti, Ngi tanda umusa, ngi nga tandi umhlatyelo, nga ni nga ba lahlanga aba nge nacala.
8iNdodana yomuntu i iNkosi yesabata.
9Wesuka lapo, wa ya wa ngena endhlini yokusonta yabo.
10Kwa ku kona umuntu o nesandhla esishwabeneyo. Ba m buza ba ti, Ku fanele ukupilisa ngesabata na? Ba tyo ukuba ba m tolise icala.
11Wa ti kubo, U mupi umuntu wa kini o nemvu, uma i wele emgodini ngesabata, o nga yi kuibamba, a i kupule na?
12Umuntu u dhlula imvu kangakanani na? Njalo ku fanele ukwenza okuhle ngesabata.
13Kona wa ti ku lomuntu, Yelula isandhla sako. Wa selula, sa piliswa sa ba njengesinye.
14Kepa abaFarisi ba puma, benza icebo lokumbulala.
15uJesu e kwazi, wemuka lapo; ba m landela abantu abaningi, wa ba pilisa bonke.
16Wa ba yala ukuba ba nga m zwakalisi;
17Ukuze ku gcwaliseke okwa shunyayelwa uIsaya umprofeti ukuti,
18Bheka inceku yami, engi i ketileyo, otandiweyo wami, o kolwa uye umpefumlo wami. Ngo beka umoya wami pezu kwake, a shumayele umteto kwabezizwe.
19A ka yi kuxabana namuntu, a bange umsindo, a ku yi kuzwiwa umuntu izwi lake endhleleni.
20Uhlanga olufecekileyo a ka yi kulwapula; impokwe yesibani etunqayo a ka yi kuicima, e nga ka vezi umteto, u nqobe.
21Abezizwe ba ya kwetemba igama lake.
22Kona kwa letwa kuye umuntu o nedemone, o impumpute nesitulu; wa m pilisa, kwa ti o impumpute nesitulu wa kuluma wa bona.
23Abantu bonke ba mangala, ba ti, Lo a siyo indodana ka Davida na?
24Kepa abaFarisi be ku zwa, ba ti, Yena ka kipi amademone, kupela u wa kipa ngoBelzebule, inkosi yamademone.
25uJesu e kwazi ukuzindhla kwabo, wa ti kubo, Ilowo umbuso o wa hlukene wodwa, u ya citeka; nomuzi nokuba indhlu eyahlukene yodwa i ngeme.
26Uma uSatani e kipa uSatani, wahlukene yedwa; umbuso wake u ngema kanjani na?
27Uma ngi kipa amademone ngoBelzebule, abantwana benu ba wa kipa ngobani na? Njalo bo ba abahluli benu.
28Uma ngi kipa amademone ngoMoya ka Tixo, umbuso ka Tixo se u fikile kini.
29Umuntu a nga ngena kanjani endhlini yesiqwaga, a pange impahla yaso, e nga qale wa bopa isiqwaga, andu kupanga indhlu yaso?
30O nge nami, u pambene nami, no nga buti nami, u ya cita.
31Ngaloko ngi ti kini, Abantu ba ya kutetelelwa ukona nokutuka konke; kodwa ukutuka uMoya abantu ba nge ku tetelelwe.
32Lowo o kuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu, a nga tetelelwa; kodwa o kuluma ngoMoya o ingcwele, a nge tetelelwe, na ku lelizwe, na ku lelo elizayo.
33Yenzani umuti u be muhle, nezitelo zawo zi be zihle; noma nenze umuti u be mubi, nezitelo zawo zi be zimbi; ngokuba umuti waziwa ngezitelo zawo.
34Nzalo yezinyoka, ni nga shumayela okulungileyo kanjani, loku ni babi na? ngokuba umlomo u shumayela ngokuvama kwenhliziyo.
35Umuntu o lungileyo u veza okulungileyo emfuyweni elungileyo yenhliziyo; kepa umuntu omubi u veza okubi emfuyweni embi.
36Ngi ti kini, Amazwi onke a ize, aba wa shumayelayo abantu, ba ya kuwapendula ngosuku lokwahlula.
37Ngamazwi ako u ya kutetelelwa, na ngamazwi ako u ya kulahlwa.
38Kona abatile kubabali nabaFarisi ba pendula ba ti, Mfundisi, si tanda ukubona isibonakaliso e senziwe uwe.
39Wa pendula wa ti kubo, isizukulwane esibi nesipingayo si funa isibonakaliso, kepa a si yi kupiwa isibonakaliso, kupela isibonakaliso sika Jona umprofeti.
40NjengoJona wa be e sesiswini somkomo izinsuku ezintatu, nobusuku obutatu, njalo iNdodana yomuntu i ya kuba enhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintatu, nobusuku obutatu.
41Abantu ba seNineva ba ya kusuka beme ekwahluleni kanye na lesizukulwane, ba si lahle, ngokuba ba penduka ngokushumayela kuka Jona; Bhekani, nangu omkulu ku noJona.
42Inkosikazi ya seningizimu i ya kusuka i me ekwahluleni kanye na lesisizukulwane, i si lahle, ngokuba yeza i vela ekupeleni komhlaba ukuzwa ukuhlakanipa kuka Solomona; bhekani, nangu omkulu ku noSolomona.
43Nxa umoya omubi e pume kumuntu, u ya dabula izindawo ezomileyo, a fune ukupumula, e nga ku fumani;
44Andu ku ti, Ngo buyela endhlini yami, enga puma kuyo. Se e fikile a i fumane i nge namuntu, i tyaneliwe, i hlotyisiwe.
45Kona a hambe a tabate abanye omoya aba isikombisa ababi ku naye, ba ngene, ba hlale kona; ku ti ukupela kwa lomuntu kubi ku nokuqala. Ko ba njalo ku lesisizukulwane esibi.
46E sa shumayela kubantu, unina nabafo wabo ba be mi ngapandhle, be funa ukukuluma naye.
47Wa ti umuntu kuye, Nangu unyoko nabafo wenu bemi ngapandhle, ba funa ukukuluma nawe.
48Wa pendula wa ti komtyelileyo, Umame ubani, nabafo wetu obani na?
49Wa selula isandhla sake nga kubafundi bake, wa ti, Bhekani, nangu umame nabafo wetu.
50O yenza intando ka Baba o sezulwini, uyena umfo wetu, nodade wetu, nomame.