1KWA ti ngasemva wa dabula emizini na simizaneni yonke, wa memezela, wa shumayela izindaba ezilungileyo zombuso ka Tixo; ba be naye aba ishumi nambili,
2Nabafazi abatile aba be piliswe komoya ababi, na sezifweni, uMaria o tiwa uMagdalene, okwa puma kuye amademone a isikombisa,
3NoJoana, umka Kuza, inceku ka Herodi, noSusana, nabanye abaningi, aba be m konza ngempahla yabo.
4Se be butene kuye abantu abaningi be vela emizini yonke wa shumayela ngomfanekiso, e ti,
5Kwa puma umhlwanyeli, wa ya ukuhlwanyela imbeu yake, enye ya wa nga sendhleleni, ya nyatelwa, izinyoni za i catya.
6Enye ya wa ogedhleni se i milile ya tya ngokungabi nakuswakama.
7Enye ya wa emeveni, ameva a hluma kanye nayo, a i minyanisa.
8Enye ya wa emhlabatini olungileyo, ya mila, ya tela ukudhla ngekulu. Se e tyilo loku wa memeza wa ti, O nezindhlebe zokuzwa a ke zwe.
9Abafundi bake ba m buza be ti, U ini lomfanekiso na?
10Wa ti, Ni piwe nina ukwazi imfihlakalo yombuso ka Tixo, kodwa kwabanye ku shunyayelwa ngemifanekiso; ukuba ngokubona ba nga bonisisi, na ngokuzwa ba nga qondi.
11Umfanekiso iloku; Imbeu i izwi lika Tixo.
12Laba aba nga sendhleleni ilabo abezwayo; kona ku fika uSatani, a li suse izwi enhliziyweni yabo, ukuba ba nga kolwa, ba sindiswe.
13Laba aba sogedhleni ilabo se be zwile, ba lamukela izwi ngokujabula; kepa ka ba nampande, ba kolwa isikatyana, ngesikati sokulingwa ba hlubuke.
14Leyo eya wa emeveni ilabo abezwayo, be puma ba minyaniswa ngezinkatazo, nemfuyo, nokujabula kwa lokukupila, a ba vezi ukudhla.
15Leyo e semhlabatini olungileyo ilabo aba li zwa izwi ngenhliziyo enhle nelungileyo, ba li gcine, ba tele izitelo ngesineke.
16A ku ko umuntu o sokela isibani, a si mboze ngesitya, nokuba a si beke pansi kombede; u ya si beka otini lwaso, ukuba abangenayo ba bone ukukanya.
17A ku ko okusitekileyo oku nga yi kubonakaliswa nokufihliweyo oku nga yi kwaziwa ku be sobala.
18A ke ni qonde ukuzwa kwenu; o nako u ya kupiwa, o nge nako u ya kwapucwa na loku a nga ti u nako.
19Kweza kuye unina nabafo wabo, kepa ba be nge nakufinyelela kuye ngenxa yabantu.
20Kwa tyiwo kuye ukuti, Unyoko nabafo wenu be mi ngapandhle, ba funa ukukubona.
21Wa pendula wa ti kubo, Umame nabafo wetu ilabo aba li zwa izwi lika Tixo, ba lenze.
22Kwa ti ngolunye usuku, wa ngena emkunjini nabafundi bake, wa ti kubo, A si wele, si ye ngapesheya kolwandhle; bemuka.
23Ekuhambeni kwabo wa lala: kwa vela isivunguvungu somoya elwandhle, ba gutyuzelwa ngamanzi, ba be sengozini.
24Ba ya ba m vusa, be ti, Nkosi, Nkosi, sa fa. Wesuka wa kuza umoya, nokuguba kwamanzi; kwa nqamuka, kwa tula.
25Wa ti kubo, Kupi ukukolwa kwenu na? besaba, ba mangala, ba kuluma, ba ti, Ubani lo, loku u kuza umoya namanzi, ku ya m lalela?
26Ba fika ngomkumbi ezweni lamaGadara, eli bhekana neGalile.
27Se e pumile ogwini wa hlangabezwa umuntu wa lomuzi, owa be namademone isikati eside, e ngembati ingubo, e nga hlali endhlini, wa hlala ematuneni.
28Se e bone uJesu wa kala, wa wa pambi kwake wa ti ngezwi elikulu, Ngi nani kuwe, Jesu, Ndodana ka Tixo o pezu konke? Ngi ya ku ncenga, u nga ngi hlupi.
29Wa tyela umoya omubi ukuba a pume ku lomuntu, ngokuba wa e m bambile izikati eziningi, wa gcinwa e botyiwe ngamakatanga na ngensimbi, wa qabula izibopo, wa qutywa idemone a ye ehlane.
30uJesu wa m buza wa ti, Ubani igama lako? Wa ti, uLegeona; ngokuba amademone amaningi a be ngene kuye.
31A m ncenga ukuba a nga tyo, a ye emgodini.
32Kwa ku kona lapo umhlambi wezingulube eziningi zi dhla entabeni; a m nxusa ukuba a wa vumele a ngene kuzo. Wa wa vumela.
33Amademone a puma ku lomuntu, a ngena ezingulubeni, umhlambi wa gijimela elwandhle nga sesiweni, wa minza.
34Abalusayo, se be bone okwenziweyo ba baleka, ba ya ba bika emzini na sezweni.
35Ba puma ba ya ukubona okwenziweyo ba fika uJesu, ba m fumanisa lomuntu, okwa puma kuye amademone, e hlezi nga sezinyaweni zika Jesu, embete, e qonda; besaba.
36Aba be bonile ba ba tyela ukusindiswa kwa lo owa be e kwelwe amademone.
37Abantu bonke aba sezweni lamaGadara ba m nxusa, ukuba a muke kubo, ngokuba ba kwelwa ukwesaba okukulu, kodwa yena se e ngenile emkunjini wa buyela emva.
38Lomuntu a be pumile kuye amademone, wa m ncenga ukuba a be naye; kodwa uJesu wa m mukisa, e ti,
39Buyela ekaya lako, u landise loku konke a kwenzileyo kuwe uTixo. Wesuka wa ya wa shumayela emzini loko konke, uJesu a be kwenzile kuye.
40Kwa ti ekubuyeni kuka Jesu, abantu ba m amkela; ba be m bhekile bonke.
41Bheka, kwa fika umuntu, igama lake li nguJairo, e induna yendhlu yokusonta, wa wa nga sezinyaweni zika Jesu, wa m nxusa ukuba e ze a ngene endhlini yake:
42Wa e nentombazana i yodwa, iminyaka yayo i nga ba ishumi nambili, i si za kufa, Ekuhambeni kwake abantu ba m cindezela.
43Umfazi owa ba nesifo sokopa igazi iminyaka e ishumi nambili, e se qedile ezinyangeni konke a be pila ngako, wa e nge nakusindiswa umuntu,
44We za ngasemva, wa pata umpeto wengubo yake, kwa nqamuka masinyane ukopa kwegazi lake.
45uJesu wa ti, Ngi patwe ubani na? Se be pika bonke, wa ti uPetro naba be naye, Nkosi, abantu be ku pahla, be ku cindezela, u ti, Ngi patwe ubani na?
46uJesu wa ti ngi patwe umuntu, ngokuba ngi zwa ku pumile amandhla kimi.
47Umfazi se e bona ukuba a ka fihleki, weza e tutumela, wa wa pambi kwake, wa m tyela pambi kwabantu bonke ukuba u be m pateleni, nokuti wa piliswa masinyane.
48Wa ti kuye, Yima isibindi, Mtanami, ukukolwa kwako ku ku sindisile; hamba kahle.
49E sa kuluma, kwa fika umuntu wenduna yendhlu yokusonta, wa ti kuyo, Intombazana yako i si file; u nga m katazi umfundisi.
50uJesu e zwa loku, wa pendula wa ti kuyo, U ngesabi; kolwa kupela i ya kusindiswa.
51Wa ngena endhlini, a ka vumanga ukuba a ngene umuntu, kupela uPetro, noJohane, noJakobe, noyise nonina wentombazana.
52Ba kala bonke, ba i lilela; kepa yena wa ti, Ni nga kali; a i file, i lele.
53Ba m hleka, be yazi ukuti i file.
54Wa ba kipa bonke, wa i bamba ngesandhla wa memeza, wa ti, Ntombazana, vuka.
55Kwa buya umoya wayo, ya vuka masinyane; wa ti ma ba i pe ukudhla.
56Abazali bayo ba mangala; wa ba yala ba nga tyeli umuntu okwenziweyo.