1NGOMNYAKA weshumi nanhlanu wokubusa kuka Tiberi Kesari, uPontio Pilatu e induna ya seJudia, uHerodi e induna ya seGalile, uFilipu umfo wabo e induna ya seIturea nezwe la seTrakoniti, uLusanio e induna ya seAbilene,
2uAnasi noKaiafasi be ngabapristi abakulu, kwa fika izwi lika Tixo kuJohane indodana ka Zakaria, e sehlane.
3Wesuka wa ya ezweni lonke la seJordani, wa shumayela ukubapatiza kokupenduka, ku tetelelwe izono;
4Njengokulotyiweyo encwadini yamazwi ka Isaya umprofeti, ukuti, Izwi lomemezayo ehlane lokuti, Lungisani indhlela yeNkosi, nenze imendo yayo i qonde.
5Izigodi zonke zi ya kugqitywa, ku hlelwe zonke izintaba namaduli, ku qonde izigwegwe, ku lelezeke izigodigodana.
6Abantu bonke ba ya kubona ukusindisa kuka Tixo.
7Wa ti kubantu abezayo ukuze ba bapatizwe uye, Nzalo yezinyoka, ubani o ni bonise ukuba ni balekele ulaka oluzayo na?
8Vezani izitelo ezifanele ukupenduka, ni nga qali ukuti pakati kwenu, si noAbrahama ubaba wetu; ngi ti kini, uTixo a nga m vusela uAbrahama abantwana ku lamatye.
9Izembe se li bekiwe empandeni yemiti; imiti yonke e nga teli izitelo ezilungileyo i ya kunqunywa i ponswe emlilweni.
10Abantu ba m buza, be ti, Si ya kwenzani na?
11Wa pendula wa ti kubo, O nezingubo ezimbili a ka mu pe o nge nayo; naye o nokudhla enze njalo.
12Kwa fika nabatelisi ukuba ba bapatizwe; ba ti kuye, Mfundisi, si ya kwenzani na?
13Wa ti kubo, Ni nga bizi luto ngapandhle kwenikumiselweyo.
14Namabuto a m buza a ti, Nati si ya kwenzani na? Wa ti kuwo, Ni ngamuki umuntu into, ni nga m hlebi, ni kolwe iloku eni ku kokelwa.
15Abantu be sa bheka, be zindhla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane, ukuba u nguKristu;
16uJohane wa pendula wa ti kubo bonke, Mina ngi ya ni bapatiza ngamanzi, kepa ku yeza omkulu ku nami, a ngi fanele ukutukulula imicilo yezicatulo zake; yena u ya kunibapatiza ngoMoya o ingcwele na ngomlilo.
17Isihlungo sake si sesandhleni sake, u ya kuwelisisa amabele ake, a wa butele endhlini, a tyise amakoba ngomlilo ongacimekiyo.
18Nokunye okuningi wa ku shumayela ebantwini, e ba luleka.
19Kepa uHerodi inkosi, se e solwe uye ngoHerodia, umka Filipu, umfo wabo, na ngokubi konke a be kwenzile uHerodi;
20Wengeza na loku pezu kwako konke ukuti, wa m valela uJohane etilongweni.
21Kwa ti, se be bapatizwe abantu bonke, naye uJesu e bapatizwe, e sa kuleka, kwa vuleka izulu,
22uMoya o ingcwele, e nesimo somzimba, ku nga ti ijuba, wehla e za pezu kwake; kwa fika izwi li vela ezulwini, li ti, Wena u iNdodana yami etandiweyo; ngi kolwa uwe.
23Yena uJesu, wa e se neminyaka e nga ba mashumi amatatu, o tiwa indodana ka Josefa, ka Heli,
24Ka Matati, ka Levi, ka Melki, ka Jana, ka Josefa,
25Ka Matatiasi, ka Amosi, ka Naumi, ka Esli, ka Nage,
26Ka Mati, ka Matatiasi, ka Semei, ka Josefa, ka Juda,
27Ka Joana, ka Resa, ka Zorobabeli, ka Salatieli, ka Neri,
28Ka Melki, ka Adi, ka Kosamu, ka Elmodamu, ka Eri,
29Ka Jose, ka Eliezeri, ka Jorimu, ka Matati, ka Levi,
30Ka Simeoni, ka Juda, ka Josefa, ka Jonana, ka Eliakimu,
31Ka Melea, ka Menana, ka Matata, ka Natani, ka Davida.
32Ka Jese, ka Obedi, ka Boazi, ka Salmoni, ka Nasoni,
33Ka Aminadaba, ka Aramu, ka Esromi, ka Faresi, ka Juda,
34Ka Jakobe, ka Isaka, ka Abrahama, ka Tara, ka Nakora,
35Ka Saruki, ka Ragau, ka Faleki, ka Heberi, ka Sala,
36Ka Kenani, ka Arfaksada, ka Shemi, ka Noa, ka Lameki,
37Ka Matusala, ka Enoki, ka Jaredi, ka Maleleli, ka Kenani,
38Ka Enosi, ka Seti, ka Adamu, ka Tixo.