1KWA ti nga lezozinsuku e sa fundisa abantu etempelini, e shumayela ivangeli, kweza abapristi abakulu, nababali, kanye namalunga.
2Ba kuluma kuye, be ti, Si tyele, u zenza lezizinto ngamapi amandhla na? ubani o ku nika lawamandhla na?
3Wa pendula wa ti kubo, Nami ngi ya kunibuza into inye; ni ngi tyele.
4Ukubapatiza kuka Johane kwa vela ezulwini, nokuba kubantu ini na?
5Ba zindhlisana ba ti, Uma si ti, Ezulwini, u ya kuti, A ni kolwanga uye ngani na?
6Uma si ti, kubantu, si ya kukandwa ngamatye abantu bonke, ngokuba be kolwa ba ti uJohane wa e ngumprofeti.
7Ba pendula ba ti, abazi ukuba kwa velapi.
8uJesu wa ti kubo, Nami a ngi ni tyeli amandhla e ngenza ngawo lezizinto.
9Wa qala ukushumayela kubo lomfanekiso; Umuntu wa tyala isivini, wa si tyeleka kubalimi, wemuka wa ya kwelinye izwe isikati eside.
10Ngesikati sezitelo wa tuma inceku kubalimi, ukuba ba m nike izitelo zesivini; kepa abalimi ba i tyaya, ba i mukisaze.
11Wa buya wa tuma enye inceku; ba i tyaya na leyo, ba i pata kabi, ba i mukisaze.
12Wa buya wa tuma eyesitatu; ba i limaza na leyo, ba i kipela ngapandhle.
13Kona inkosi yesivini ya ti, Ngi ya kwenze njani na? Ngi ya kutuma indodana yami etandiweyo; ingabe ba ya kuihlonipa, be i bonile.
14Kodwa abalimi, se be i bonile, ba zindhlisana, be ti, Lo u indhlalifa, zanini, si i bulale, ifa li be eletu.
15Ba i kipela ngapandhle kwesivini, ba i bulala. Inkosi yesivini i ya kwenzani kubo na?
16I ya kuza i ba bulale lababalimi, i nike abanye isivini sake. Be ku zwa loko ba ti, A ku nga bi njalo.
17Wa ba bheka, wa ti, Ku ini loku okulotyiweyo ukuti, Itye elilahliweyo abaki, ilona se li inhloko yegumbi?
18Lowo owayo pezu kwa lelitye, wo cotyozwa; kodwa lowo eli wa pezu kwake, lo m colisa.
19Abapristi abakulu nababali ba funa ukubeka izandhla pezu kwake nga lesosikati, kepa besaba abantu, bazi ukuba e be kulumile lomfanekiso ngabo.
20Ba m hlomela, ba tuma izinhloli ezi zenza abalungileyo, ukuba ba m bhabise ngokushumayela kwake, ukuba ba m nikele emakosini na semandhleni ombusi.
21Ba m buza, be ti, Mfundisi, si yazi ukuba u lungile ngokushumayela na ngokufundisa, a u naki umuntu, kodwa u fundisa indhlela ka Tixo ngeqiniso;
22Ku fanele si tele imali kuKesari, nokuba si nga teli na?
23Wa bona ubuqili babo, wa ti kubo, Ni ngi lingelani na?
24Ngi boniseni udenario. U nomfanekiso nombalo ka bani na? Ba pendula ba ti, Ka Kesari.
25Wa ti kubo, Nikani uKesari okuka Kesari, noTixo okuka Tixo
26Ba be nge nakumbhabisa ngamazwi ake pambi kwabantu; ba mangala ngokupendula kwake, ba tula.
27Kwa fika abanye kubaSadusi aba pika ukuvuka kwabafileyo ba ti akuko, ba m buza,
28Be ti, Mfundisi, uMosi wa si lobela ukuti, Uma umuntu e fa, e nomfazi, e fa e nge namntwana, umfo wabo a ka m tabate umkake, a vusele umfo wabo inzalo.
29Kwa ku kona izelamani ezi isikombisa; owokuqala wa tabata umfazi, wa fa e nge namntwana.
30Owesibili wa m tabata umfazi, wa fa naye e nge namntwana.
31Nowesitatu wa m tabata; benze njalo aba isikombisa; ba fa be nga shiyanga inzalo.
32Emva kwabo bonke wa fa nomfazi.
33Ekuvukeni u ya kuba umfazi wa mupi ku labo na? loku aba isikombisa ba be naye e ngumfazi wabo.
34uJesu wa pendula wa ti kubo, Abantwana ba lelizwe ba ya ganwa, ba yendiswa;
35Kodwa labo aba za kutiwa ba fanele lelozwe, nokuvuka kwabafileyo, a ba ganwa, a bendiswa.
36Ba nge buye ba fe; ba njengezingelosi, ba ngabantwana baka Tixo, be ngabantwana bokuvuka.
37Ukuvuka kwabafileyo wa ku bonisa uMosi esihlahleni, lapo e biza iNkosi ngokuti, uTixo ka Abrahama, noTixo ka Isaka, noTixo ka Jakobe.
38A siye uTixo wabafileyo; uTixo wabapilayo loku bonke ba pila kuye.
39Abanye kubabali ba pendula ba ti, Mfundisi, u shumayele kahle.
40Kepa ba be nga se nasibindi sokumbuza luto.
41Wa ti kubo, Ba tyo kanjani ukuti, uKristu u indodana ka Davida na?
42Yena uDavida u ti encwadini yezihlabelelo iNkosi ya ti eNkosini yami. Hlala ngakwesokunene sami,
43Ngi ze ngenze izita zako zi be isenabelo sako.
44Loku uDavida u m biza ngokuti, iNkosi; u indodana yake kanjani na?
45Be sezwa abantu bonke, wa ti kubafundi bake,
46Xwayani ababali aba tanda ukuhamba be gqoka izingubo ezinde; ba tanda ukubingelelwa ezindaweni zokubutana, nezihlalo ezi pambili ezindhlini zokusonta, nezihlalo ezi senhle ekudhleni.
47Ba dhla izindhlu zabafelokazi, na ngokuzenzisa ba kuleka isikati eside; laba ba ye kwamkeliswa ukulahlwa okukulu.