1EMVA kwa loku iNkosi ya misa abanye abamashumi a isikombisa, ya ba tuma ngababili pambi kwayo ukuya emizini yonke na sezindaweni zonke, e be za kuya kuzo.
2Ya ti kubo, Ukuvuna ku kulu, kodwa abasebenzi ba incozana; kulekani eNkosini yokuvuna, ukuba i tumele abasebenzi ekuvuneni kwayo.
3Hambani; bhekani, ngi ya ni tuma ni njengezimvu pakati kwezimpisi.
4Ni nga pati isikwama, naika, nazicatulo; ni nga bingeleli umuntu endhleleni.
5Nxa ni ngena endhlini, ni qale ni ti, Ukutula a ku be ku lendhlu.
6Uma ku kona indodana yokutula, ukutula kwenu ku za kuhlala kuyo; uma i nge ko, ku za kubuyela kini.
7Hlalani ku leyondhlu, ni dhle, ni puze okwabo; osebenzayo u fanele inkokelo yake; ni nga dhluli izindhlu ngezindhlu.
8Nxa ni ngena emzini, ba namkele, yidhlani eni ku bekelwayo;
9Ni pilise abagulayo aba kuwo, ni ti kubo, Umbuso ka Tixo se u sondele kini.
10Nxa ni ngena emzini, be nga namkeli, pumelani ezindhleleni zawo, ni ti,
11Utuli lomuzi wenu olu namatele kitina, si ya lu hlangulela kini; kepa nazi loku ukuti, umbuso ka Tixo u sondele kini.
12Ngi ti kini, ku za kuba lula eSodoma nga lolusuku ku na ku lowomuzi.
13Nako kuwena, Korazini? nako kuwena, Betsaida! uma imisebenzi emikulu enziwe kuwe, i be yenziwe eTire neSidone, nga se kade ba penduka ba hlala ngendwangu yokulila, na ngomlota.
14Kodwa ku ya kuba lula eTire neSidone ngosuku lokwahlula ku na kinina.
15Nawe, Kapernaume, o pakanyiselwa ezulwini, u ya kwehliselwa ehaidese.
16O ni zwayo, u ya ngi zwa; o ni delayo, u ya ngi dela; o ngi delayo, u ya m dela o ngi tumileyo.
17Abamashumi a isikombisa ba buya be jabula, ba ti, Nkosi, nawo amademone a ya si lalela ngegama lako.
18Wa ti kubo, Nga bona uSatani e wa ezulwini njengonyazi.
19Bhekani, ngi ya ni nika amandhla okunyatela izinyoka, nofezela, ni wahlule amabandhla onke esita; a ni yi koniwa luto.
20Kepa ni nga jabuli ngaloku, ukuti, omoya ba ni lalela; jabulani ngokuba amagama enu a lotyiwe ezulwini.
21Nga lesosikati uJesu wa tokoza emoyeni, wa ti, Ngi ya ku bonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba u ba fihlele abahlakanipileyo nabaqondayo lezizinto, wa zi bonakalisa ezinganeni; yebo, Baba, ngokuba loku kwaku lungile kuwe.
22Konke ku nikelwe kimi nguBaba; a ku ko oyaziyo iNdodana, ukuba i ngubani, kupela uYise; a ku ko o m aziyo uYise ukuba u ngubani, kupela iNdodana, na lowo iNdodana e tanda ukumbonakalisa kuye.
23Wa guquka wa ti kubafundi bake bodwa, A busisiwe amehlo a zi bonayo izinto eni zi bonayo.
24Ngi ti kini, abaprofeti namakosi amaningi ba be tanda ukubona lezizinto eni zi bonayo a ba zi bonanga nokuzwa lezi zinto eni zi zwayo a ba zi zwanga.
25Bheka, kwesuka ummeli, wa m linga, e ti, Mfundisi, ngi ngenzani, ngi dhle ifa lokupila okupakade na?
26Wa ti kuye, Ku lotyweni emtetweni na? u funda kanjani?
27Wa pendula wa ti, Wo tanda iNkosi, uTixo wako, ngenhliziyo yonke yako, nangompefumlo wonke wako, na ngamandhla onke ako, nowakelene nawe njengokuzitanda kwako.
28Wa ti kuye, U pendule kahle, yenza loku, wo pila.
29Kodwa e tanda ukuzitetelela, wa ti kuJesu, Owakelene nami u ngubani na?
30Wa pendula uJesu wa ti, Kwa ku kona umuntu owehla eJerusalema ukuya eJeriko, wa funyanwa abapangi, ba m hlubula izingubo, ba m limaza, bemuka, be m shiya e za kufa.
31Kwa ti kwehla nga leyondhlela umpristi, e m bona wa gwema kuye.
32Njalo nomLevi, e fike ku leyondawo, weza wa m bona, wa gwema kuye.
33Kepa umuntu wa seSamaria e hamba wa fika kuye, se e m bone, wa m haukela.
34Wa ya kuye, wa bopa amanxeba ake, e tela amafuta newaini, wa m kwelisa esilwaneni sake, wa m zisa endhlini yezihambi, wa m gcina.
35Ngangomso e sa hamba, wa kipa odenario ababili, wa ba nika umninindhlu, wa ti kuye, M gcine; na loku o kwelekela ngo ku nika kona ekubuyeni kwami.
36U tini wena, u mupi ku lababatatu o ngowakelene naye owa funyanwa abapangi na?
37Wa ti, Owa m enzela umusa. uJesu wa ti kuye, Hamba nawe, wenze njalo.
38Kwa ti ekuhambeni kwabo, wa ngena emzini otile, owesifazana, igama lake uMarta wa m amakela endhlini yake.
39Wa e nodade wabo o tiwa uMaria, owa hlala nga sezinyaweni zika Jesu, wa li zwa izwi lake.
40Kodwa uMarta wa katazeka ngokukonza okukulu; weza wa ti, Nkosi, a u katelele ini ngokuba udade wetu u ngi shiyile ngi konza ngedwa na? Yityo kuye ukuba a ngi size.
41uJesu wa pendula wa ti, Marta, Marta, u nakakele, u katazeka ngezinto eziningi.
42Kepa ku dingeka into inye; uMaria u ketile isabelo esilungileyo, a nga sa yi kwapucwa sona.