1UJEHOVA wa tyo kuMosi, wa ti, Yityo kubapristi, amadodana ka Aroni, u ti kubo, A ku nga bi ko o zingcolisayo ugabafileyo ba kubo;
2Kepa ngabakubo, aba izihlobo zake, ukuti, ngonina, na ngoyise, na ngendodana yake, na ngendodakazi yake, na ngomfo wabo.
3Na ngodade wabo, e intombi, e isihlobo sake, e nge nandoda; a nga zingcolisa ngaye.
4A nga zingcolisi, loku e isikulu kwabakubo, a ze a zeise.
5Ba nga zenzi ba be izimpandhla, ba nga puculi isilevu emacaleni, ba nga zisiki emzimbeni.
6Bo ba ngcwele kuTixo wabo, ba nga li tuki igama lika Tixo wabo; ngokuba be nikela iminikelo yolibo ka Jehova, ukudhla kuka Tixo wabo; ngako bo ba ngcwele.
7Ba nga tabati umfazi o isifebe, nowonakeleyo, ba nga tabati umfazi o lahliweyo indoda; ngokuba e ngcwele kuTixo wake.
8Ngako u m gcwelise; ngokuba e nikela ukudhla kuka Tixo wako; wo ba ngcwele kuwe, ngokuba ngi ngcwele mina Jehova o ni ngcwelisayo.
9Indodakazi yompristi, uma i zona i be isifebe, i yona uyise; a i tyiswe ngomlilo.
10Umpristi omkulu kubafo wabo, owa telwa ngamafuta okugcoba ekanda, o miselwe ukwambata izivato, ka ngambuli ikanda lake, a nga hxebuli izivato zake;
11Ka nga ngeni kumuntu ofileyo, a nga zingcolisi ngenxa ka yise nonina.
12A nga pumi endaweni engcwele, a ngoni indawo engcwele kuTixo wake; ngokuba ukumisa kwamafuta okugcoba ka Tixo wake ku pezu kwake; ngi nguJehova.
13Ka tabate intombi i be umkake.
14Umfelokazi, nomfazi o lahliweyo, nowonakeleyo, no isifebe, a nga ba tabati laba; kepa ka tabate intombi kubantu ba kubo i be umkake.
15Ka ngoni inzalo yake ebantwini bake; ngokuba mina Jehova ngi m ngcwelisile.
16Ujehova wa tyo kuMosi, wa ti,
17Yityo kuAroni, u ti, Uma umuntu wa senzalweni yako ezizukulwaneni zayo e isilima, ka nga sondeli ukunikela ukudhla kuka Tixo wake.
18Ngokuba lowo o isilima ka nga sondeli, noma e impumputi, noma e unyonga, noma o mpumulo etyonileyo, noma e isilima ngesito,
19Noma e ingini ngonyawo, noma e ingini ngesandhla,
20Noma e isifumbu, noma e isitombe, noma e qubukile, noma e nomuna, noma e isilima ngamasende;
21Umuntu o isilima wa senzalweni ka Aroni umpristi ka nga sondeli ukunikela iminikelo yomlilo ka Jehova; u isilima, ka nga sondeli ukunikela ukudhla kuka Tixo wake.
22A nga dhla ukudhla kuka Tixo wake, loko oku ngcwelengcwele na loko oku ngcwele.
23Kepa ka nga ngeni kulo iveli, a nga sondeli elatini, ngokuba e isilima, ukuba a ngoni oku ngcwele kwami, ngokuba mina Jehova ngi ya ba ngcwelisa.
24uMosi wa m tyela uAroni, namadodana ake, nabo bonke abaka Israeli.