1UJEHOVA wa tyo ku Mosi na kuAroni, wa ti,
2Nxa ku mila esikumbeni somzimba womuntu itumba, noma uqweqwe, noma ibala, ku be esikumbeni somzimba njengebala lobulepero, ka letwe ku Aroni, umpristi, noma komunye kuwo amadodana ake, abapristi;
3Umpristi a bheke ibala eli sesikumbeni somzimba wake; nxa uboya obu sebaleni bu pendukile ba ba mhlope, nanxa ibala li tyonile, pansi kwesikumba somzimba wake ngokubona kwake, ku ibala lobulepero; umpristi ka m bheke, a tyo a ti, u ngcolile.
4Kepa uma ibala li mhlope esikumbeni somzimba wake, li nga tyoni pansi kwesikumba ngokubona kwake, uboya balo bu nga pendukile ba ba mhlope, kona umpristi ka m valele o nobulepero izinsuku ezi isikombisa.
5Umpristi a buye a m bheke ngosuku lwesikombisa; bheka, uma ibala li mi ngokubona kwake, uma ibala li ngandi esikumbeni, umpristi ka buye a m valele ezinye izinsuku ezi isikombisa;
6Umpristi ka buye a m bheke ngosuku lwesikombisa; bheka, uma ibala li mpofana, ibala li ngandi esikumbeni, umpristi ka tyo a ti, u hlambulukile; li uqweqwe; ka hlanze izingubo zake, a hlambuluke.
7Kepa uma uqweqwe lwanda esikumbeni, se e boniwe umpristi ukuba a hlanjululwe, ka buye a bonwe umpristi;
8Uma umpristi e bona ukuti, uqweqwe lu yanda esikumbeni, ka tyo umpristi a ti, u ngcolile; ku ubulepero.
9Nxa ku mila ibala lobulepero kumuntu, ka yiswe kumpristi;
10Umpristi ka m bone; bheka, uma intutumba i mhlope esikumbeni, i pendule uboya ba ba mhlope, noma ku kona ibala lenyama ebomvu entutumbeni;
11Ku ubulepero obudala esikumbeni somzimba wake; umpristi ka tyo a ti, u ngcolile, a nga m valeli, ngokuba e ngcolile.
12Uma ku mila ubulepero esikumbeni, ubulepero bu qeda isikumba sonke sake o nebala, ku qale ekanda ku ze ku fike ezinyaweni, ngokubona konke kompristi;
13Kona umpristi ka qonde; uma ubulepero bu qedile umzimba wonke wake, ka tyo a ti, u hlambulukile o nebala; u pendukile wa ba mhlope indawo zonke; u hlambulukile.
14Kepa msukwana ku vela kuye inyama ebomvu wo ba u ngcolile.
15Umpristi ka bone inyama ebomvu a tyo a ti, u ngcolile, ngokuba inyama ebomvu i ngcolile; ku ubulepero.
16Noma inyama ebomvu i guquka, i penduke i be mhlope, a keze kumpristi;
17Umpristi a m bheke; uma ibala li pendukile la ba mhlope, umpristi ka tyo a ti, u hlambulukile.
18Umzimba owa u nesilonda esikumbeni sawo, sa pola;
19Kwa mila endaweni yesilonda intutumba emhlope, noma ibala elimhlope eli kanyayo; uma li bonwa umpristi,
20Umpristi se e li bonile, uma ngokubona kwake li tyonile pansi kwesikumba, uboya balo bu pendukile ba ba mhlope; umpristi ka tyo a ti, u ngcolile; ku ibala lobulepero, li milile esilondeni.
21Kepa uma umpristi e li bheka, a bone ukuti a bu ko uboya obumhlope kulo, li nga tyonile pansi kwesikumba, kepa li mpofu; kona umpristi ka m valele izinsuku ezi isikombisa.
22Uma landa kakulu esikumbeni umpristi ka tyo a ti, u ngcolile; ku ibala lobulepero.
23Kodwa uma ibala li mi endaweni yalo, li ngandi, li ubavu lwesilonda; umpristi ka tyo a ti, u hlambulukile.
24Nanxa ku kona esikumbeni somzimba isicatyana esatyayo uma isicatyana esatyayo si nebala eli kanyayo, noma li mhlope:
25Umpristi ka li bheke; uma uboya obu sebaleni bu pendukile ba ba mhlope ku nga ti bu tyonile pansi kwesikumba; ku ubulepero obu milile ebaleni ela tyayo; ngako umpristi ka tyo a ti, u ngcolile; ku ibala lobulepero.
26Kepa uma umpristi e li bheka, a bone ukuti, a ku ko uboya obumhlope ebaleni, li nga tyoni pansi kwesikumba, li mpofana; umpristi ka m valele izinsuku ezi isikombisa;
27Umpristi ka m bheke ngosuku lwesikombisa; uma kwandile esikumbeni, umpristi ka tyo a ti, u ngcolile; ku ibala lobulepero.
28Kepa uma ibala li mi endaweni yalo, li ngandi esikumbeni, li mpofana; ku intutumba ebaleni ela tyayo; umpristi ka tyo a ti, u hlambulukile; ngokuba ku ubavu olwa tyayo.
29Nxa indoda, noma umfazi e nebala ekanda, noma esilevini,
30Umpristi ka bone ibala; uma ngokubona kwake li tyonile pansi kwesikumba, li nezinwele ezincinyane ezi mpofu, umpristi ka tyo a ti, u ngcolile; ku umuna, ubulepero obu sekanda, noma obu sesilevini.
31Kepa uma umpristi e bheka ibala eli umuna, ku ti ngokubona kwake, li nga tyoni pansi kwesikumba, li nga bi nezinwele ezimnyama; umpristi ka m valele izinsuku ezi isikombisa;
32Umpristi ka buye a bheke ibala ngosuku lwesikombisa; ko ti uma umuna u ngandi, ku nga bi ko izinwele ezimpofu kuwo, ngokubona kwake umuna u nga tyoni pansi kwesikumba,
33Ka zipucule, kepa a nga puculi umuna, umpristi ka buye a m valele ezinye izinsuku ezi isikombisa;
34Ngosuku lwesikombisa umpristi a buye a bheke umuna; ko ti, uma umuna u ngandi esikumbeni, ngokubona kwake u nga tyoni pansi kwesikumba, umpristi ka tyo a ti, u hlambulukile; ka hlanze izivato zake a hlambuluke.
35Kepa uma umuna wanda emva kokuhlanjululwa kwake,
36Umpristi ka buye a m bheke, ko ti, uma umuna wandile esikumbeni, umpristi ka nga funi izinwele ezimpofu; u ngcolile.
37Kepa ngokubona kwake uma umuna u se mi, ku milile kuwo izinwele ezimnyama, umuna u polile, u hlambulukile; umpristi ka tyo a ti, u hlambulukile.
38Nxa indoda, noma umfazi e namabala esikumbeni somzimba wake, amabala e mhlope;
39Umpristi ka bheke; ko ti, uma amabala a sesikumbeni somzimba wake e mpofana e mhlope; ku isitembuzane esi milayo esikumbeni; u hlambulukile.
40Nxa umuntu e pucukile ekanda u impandhla; u hlambulukile.
41Naye o pucukile ekanda lake nga sebusweni, u impandhla nga sebusweni; u hlambulukile.
42Nxa ku kona ebumpandhleni bekanda, noma ebumpandhleni bobuso, ibala elikanyayo; ku ubulepero obu milileyo ebumpandhleni bekanda lake, noma ebumpandhleni bobuso bake.
43Umpristi ka li bheke; ko ti, uma intutumba yebala i mhlope i kanya ebumpandhleni bekanda lake, noma ebumpandhleni bobuso bake, njengokubonakala kobulepero esikumbeni somzimba;
44U ilepero; u ngcolile; umpristi ka tyo a ti, u ngcolile impela; ibala lake li sekanda.
45Ilepero, eli nebala, izivato zalo a zi hxetyulwe, ikanda lalo a lambulwe, a li mboze umlomo walo, li kale li ti, Ngi ngcolile, ngi ngcolile.
46Izinsuku zonke a nebala ngazo wo hlala e ngcolile; u ngcolile; wo hlala yedwa; indawo yokuhlala kwake a i be ngapandhle kwekamu.
47Nesivato, esi nebala lobulepero, noma esoboya bezimvu; noma eselineni;
48Noma li sezintanjeni ezimiyo, noma li kwezivundhlileyo, ezelineni, noma ezoboya bezimvu; noma li sesikumbeni, noma li sentweni eyenziweyo ngesikumba;
49Uma ibala li luhlaza, noma li bomvu esivatweni, noma esikumbeni, noma ezintanjeni ezimiyo, noma kwezivundhlileyo, noma entweni yesikumba; li ibala lobulepero, lo bhekwa umpristi.
50Umpristi a ka bheke ibala, a i valele into e nebala izinsuku, ezi isikombisa;
51A buye a bheke ibala ngosuku lwesikombisa; uma ibala landile esivatweni, noma ezintanjeni ezimiyo, noma kwezivundhlileyo, noma esikumbeni, noma entweni eyenziweyo ngesikumba; ibala li ubulepero obudhlayo; si ngcolile.
52Ngako wo si tyisa isivato, noma izintambo ezimiyo, noma ezi vundhlileyo, noma ezoboya bezimvu, noma ezelineni, noma into yesikumba eli kuyo ibala; ngokuba li ubulepero obu dhlayo; a ku tyiswe ngomlilo.
53Uma umpristi e bheka, ko ti, uma ibala li ngandile esivatweni, noma ezintanjeni ezimiyo, noma kwezivundhlileyo, noma entweni yesikumba;
54Kona umpristi ka tyo ukuba ku hlanzwe esi nebala, a buye a si valele ezinye izinsuku ezi isikombisa;
55Umpristi ka buye a bheke ibala, emva kokuhlanzwa kwalo; ko ti, uma ibala li nga pendulile umbala walo, ibala li ngandile; si ngcolile; a si tyiswe ngomlilo; ku ibala lobulepero, noma si qotukile ngapakati, noma ngapandhle.
56Uma umpristi e bheka, ku ti, ibala li mpofana emva kokuhlanzwa kwalo, ka li hlutule esivatweni, noma esikumbeni, noma ezintanjeni ezimiyo, noma kwezivundhlileyo;
57Uma li sa bonakala esivatweni, noma ezintanjeni ezimiyo, noma kwezivundhlileyo, noma entweni yesikumba; li yanda; yo tyiswa ngomlilo into e nebala.
58Isivato, noma izintambo ezimiyo, noma ezivundhlileyo, noma intoni yesikumba e hlanzwayo, uma ibala li mukile kuyo, kona a ku pindwe ku hlanzwe ku hlambuluke.
59Lo u ngumteto webala lobulepero esivatweni soboya bezimvu, noma eselineni, noma li sezintanjeni ezimiyo, noma li kwezivundhlileyo, noma entweni yesikumba, wokuba ku tyiwo ukuti, ku hlambulukile, noma ku tyiwo ukuti, ku ngcolile.