1NGI ngumuntu owa bona usizi ngentonga yolaka lwake.
2Wa ngi hola wa ngi yisa ebumnyameni, ka ngi yisanga ekukanyeni.
3Impela wa ngi pendulela isandhla sake futifuti usuku lonke.
4Wa gugisa inyama yami nesikumba sami, wapula amatambo ami.
5Wa ngakela, wa ngi haqa ngenyongo nenkatazo.
6Wa ngi hlalisa ezindaweni ezimnyama, njengabafileyo bendulo.
7Wa ngi biyela ukuba ngi nga pumi, wa lenza li be nzima iketango lami.
8Nanxa ngi kala, nga memeza, wa vimbela ukukuleka kwami.
9Wa biya izindhlela zami ngamatye abaziweyo, wa zenza za nsongensonge izindhlela zami.
10Wa u ibere eli lalela kimi, ingonyama e qapelayo.
11Wa ngi pambukisa, wa ngi hxebula, wa ngi cita.
12Wa goba umcibityolo wake, wa ngi misela umcibityolo.
13Wa ngi hlaba ngemicibityolo yake ezinsweni zami.
14Nga ba igidigidi kubantu bonke bami, nengoma yabo usuku lonke.
15Wa ngi sutisa ngokubabayo, wa ngi dakisa ngomhlonyane.
16Wapula amazinyo ami ngamatyana, wa ngembesa ngomlota.
17Wa xotya umpefumlo wami ekutuleni: nga kohlwa inhlanhla.
18Kona nga ti, Ukukolwa kwami nokwetemba kwami ku nqamukile kuJehova.
19Kumbula ukuhlupeka kwami, nokweduka kwami, umhlonyane nenyongo.
20Impela u ya kukumbula ukuti umpefumlo wami u tobile pakati kwami.
21Ngi ya kubeka loku enhliziyweni yami, ngako ngi yetemba.
22Ku ngomusa kaJehova ukuba si nga bujiswa; ngokuba ubunene bake a bu nqamuki:
23Butya kusasa imihla ngemihla; ku kulu ukuqinisa kwako.
24uJehova u isabelo sami, u tyo umpefumlo wami; ngako ngi ya kwetemba kuye.
25uJehova u lungile kwabamlindayo, kumpefumlo o m funayo.
26Kuhle ukwetemba nokuhlalela ukusindisa kuka Jehova ngokutula.
27Ku lungile kumuntu ukuba a twale ijokwe e se mutya.
28U ya hlala yedwa, e tule, ngokuba u m etwesile lona:
29U ya beka umlomo wake otulini, ku nga ti ku kona itemba.
30U ya nikela isihlati sake ko m tyayayo; u gcwele ukujivazwa.
31Ngokuba inkosi a i yi kulahla ku ze ku be pakade.
32Ngokuba, noma i veza usizi, i ya naukela ngomusa wayo omkulu.
33Ngokuba ka ba hlupi, ka ba dabuli abantwana babantu ngenhliziyo.
34Ukunyatela pansi kwezinyawo izibotywa zonke zezwe,
35Ukupambukisa icala lomuntu pambi kobuso bOpezulu,
36Ukwamuka umuntu ecaleni lake, a ku tandeki eNkosini.
37Ubani lowo owa tyoyo, kwenziwa, i nga yalanga inkosi?
38A ku pumi ini okubi nokuhle emlonyeni wOpezulu?
39Ba solelani abantu abapilayo, ilowo ngezono zake?
40A si hlole, si linge ukuhamba kwetu, si buyele kuJehova.
41A si pakamisele izinhliziyo zetu kanye nezandhla kuTixo o sezulwini.
42Tina sonile, sa hlubuka; wena a u tetelelanga.
43Wa zambesa ngolaka, wa si xotya, wa bulala, u nga haukelanga.
44Wa zambesa ngamafu, ukuba ku nga dhluli ukukuleka.
45Wa senza si be izibi, nensila ezizweni.
46Izita zonke zetu za si kamisela umlomo.
47Sehlelwa uvalo negebe nokuciteka, nokubujiswa.
48Iso lami li yehlisa imifula yamanzi ngokubujiswa kwentombi yabantu bami.
49Iso lami li ya dhluza, li nga pezi, a ku ko ukunqamuka,
50E nga ka kangeli, a bheke uJehova wa sezulwini.
51Iso lami li ya ngenzela ubuhlungu ngezintombi zonke zomuzi wami.
52Izita zami za ngi zingela impela, ku nga ti ngi inyoni, ngi nge nacala.
53Za nqamula ukupila kwami emgodini, za ponsa itye pezu kwami.
54Amanzi ehlela ekanda lami; nga ti, Ngi nqunyiwe.
55Nga kuleka egameni lako, Jehova, ngi semgodini pansi.
56Wezwa izwi lami: ma u nga tukusi indhlebe yako lapo ngi kulekela ukupunyuzwa.
57Wa sondela mhla nga kuleka kuwe: wa ti, U ngesabi.
58Nkosi, wa ngi mela emacaleni, wa hlenga ukupila kwami.
59Jehova, u bonile ukoniwa kwami; teta icala lami.
60U bonile ukupindisa konke kwabo, amacebo onke abo ngami.
61U zwile ukujivaza kwabo, Jehova, amacebo onke abo ngami;
62Izindebe zabangivukelayo, nokuzindhla kwabo ngami usuku lonke.
63Bheka ukuhlala kwabo nokusuka kwabo, ngi isiga sabo.
64Ba vuze, Jehova, njengemisebenzi yezandhla zabo.
65Ba nike ubulukuni benhliziyo, ukutuka kwako ku be pezu kwabo.
66Ba xotye ngolaka, u ba bubise, ba nga be be sa ba ko pansi kwezulu lika Jehova.