1YEKA, iNkosi ngolaka lwayo i yembesa intombi ya seZioni ngefu, ubuhle buka Israeli ba sezulwini i bu ponsile pansi, a i kumbulanga isicamelo sezinyawo zayo ngosuku lolaka lwayo.
2iNkosi ya gwinya imizi yonke ka Jakobe, i nga haukeli; ngolaka lwayo ya bidhliza izinqaba zentombi ka Juda, ya zi wisa pansi; ya ngcolisa umbuso nezikulu zawo.
3Yapula ngolaka lwayo izimpondo zonke zika Israeli: ya buyisela emva isandhla sayo sokunene pambi kwesita: ya tyisa uJakobe, njengelangabi li dhla inxa zonke.
4Ya goba umcibityolo wayo njengesita: yema njengowempi ngesandhla sayo sokunene, ya cita konke okubukekayo kutente wentombi ya seZioni: ya tulula ulaka lwayo njengomlilo.
5Inkosi ya ba njengesita: ya gwinya uIsraeli; ya gwinya izindhlunkulu zonke zake, ya bidhliza izinqaba zayo; yandisa ukukala nokulila kuyo intombi ka Juda.
6Ya cita indhlu yayo ngokungati eyensimu; ya nqamula imihlangano yayo: uJehova wenza ukuba ku kohlwe eZioni imihlangano namasabata wa delela inkosi nompristi ngolaka lwake olukulu.
7iNkosi i lahlile ilati layo, ya nengwa indawo yayo engcwele: ya nikela esandhleni sezita izindonga zezindhlunkulu: za xokozela endhlini ka Jehova njenga ngosuku lomhlangano.
8uJehova wa ti u za kubidhliza udonga lwentombi ya seZioni. Welula intambo; ka buyisanga isandhla sake ekuciteni. Wenza ukuba ku kale inqaba nodonga; za lila kanye.
9Amasango alo a tyonile emhlabeni; wa cita imivalo yalo, wa yapula: inkosi yalo nezinkulu zalo zi sezizweni; a ku seko umteto; abaprofeti balo a ba fumani isiboniso sika Jehova.
10Amalunga entombi ya seZioni a hlezi pansi, a tule, a ponsa utuli emakanda, a faka indwangu yamasaka. Izintombi za seJerusalema zi ya kotama pansi ngamakanda azo.
11Amehlo ami a pela izinyembezi, izibilini zami za xapazela, isibindi sami sa palala pansi, ngokuciteka kwentombi yabantu bami, ngokuba abantwana nezingane ba pela amandhla ezitalatini zomuzi.
12Ba ti konina, A pi amabele newaini? nxa be pela amandhla njengababulewe ezitalatini zomuzi, nxa be tululela imipefumlo yabo ezifubeni zonina.
13Ngi nga ku fakazelani na? ngi nga ku fanisa nani wena ntombi ya seJerusalema? ngi nga ku linganisa nani, ukuba ngi ku duduze, ntombi ya seZioni? ngokuba ukwapuka kwako ku ngangolwandhle, u nga sindiswa ubani?
14Abaprofeti bako ba ku tyela amacebo, nobuula; a ba kwambulanga ukona kwako, ukuba u nga tunjwa; kepa ba ku tyela imitwalo yamanga nokuxotywa.
15Bonke abadhlulayo ba tyaya ihlombe ngawe; ba hlaba amakwelo, ba nikina amakanda abo ngentombi ya seJerusalema, be ti, Imbala uwo lo umuzi, okwa tyiwo ngawo ukuti, U pelele ngobuhle, u ukutokoza kwezwe lonke.
16Izita zonke zako za ku kamisela umlomo, za hlaba amakwelo, za gedhla amazinyo; za ti, Si dhlile: impela lolu lu usuku esi lu bhekileyo; se si fumene, si bonile.
17uJehova wenza a be ku cebile: wa feza izwi lake a be li tyilo ngezinsuku zendulo: wa bidhliza, e nga haukelanga: wa tokozisa isita ngawe; wa pakamisa upondo labakuzondayo.
18Izinhliziyo zabo za kala eNkosini; Ludonga lwentombi ya seZioni, ma kwehle izinyembezi njengomfula emini na sebusuku, u nga pumuli, a ku nga nqamuki inhlamvu yeso lako.
19Suka, u kale ebusuku, ekuqaleni kokulinda; tulula inhliziyo njengamanzi pambi kobuso benkosi: pakamisa izandhla zako kuyo ngenxa yokupila kwabantwana bako abancinyane, abapelamandhla ekuqaleni kwezitilati zonke.
20Bheka, Jehova, u bone! wenzile loku kubani na? Abafazi ba ya kudhla ini inzalo yabo, abantwana aba ba singatayo? abapristi nabaprofeti ba ya kubulawa ini endaweni engcwele yeNkosi.
21Abatya nabadala ba be lele pansi ezitalatini. Izintombi zami nezinsizwa zami za wa ngenkemba; u bulele ngosuku lolaka lwako; u bulele u nga haukelanga.
22Wa biza, ku nga ti usuku lomhlangano, okungesabisayo inxa zonke: ngosuku lolaka luka Jehova a kwa ba ko osindileyo noseleyo: labo engi ba singatileyo nga bondhla, isita sa ba bulala.