1KWA ti, amakosi onke amaAmori, a ngapesheya kweJordani, nga sentyonalanga, namakosi onke amaKenani, a nga selwandhle, e sezwa ukuba uJehova wa womisa amanzi a seJordani ngapambi kwabaka Israeli, ba za ba wela, izinhliziyo zawo za pela amandhla; kwa ku nga seko isibindi kuwo, ngenxa yabakwa Israeli.
2Nga lesosikati uJehova wa ti kuJoshua, Yenza omese bamatye, u pinde u soke abantwana baka Israeli ngokwesibili.
3Kona uJoshua wa benza omese bamatye, wa soka abantwana baka Israeli eMango-wamajwabu.
4uJoshua wa soka ngokuba abantu bonke aba puma Egipite, aba isilisa, bonke aba ngamabuto ba fa ehlane, endhleleni, se be pumile Egipite.
5Ba be sokiwe abantu bonke aba puma Egipite, kepa abantu bonke aba zalwa ehlane, endhleleni, ekumukeni kwabo Egipite, ka ba ba sokanga.
6AbakaIsraeli ba hamba iminyaka emashumi amane ehlane, ba za ba pela abantu bonke; abantu aba be ngamabuto, aba pumayo Egipite, ngokuba be nga lalelanga izwi lika Jehova, a funga kubo uJehova, ngokuti, ka yi kubabonisa izwe, a funga ngalo uJehova koyise, e ti, u ya kusinika lona, izwe eli vama ubisi nezinyosi.
7Abantwana babo, a ba vusayo endaweni yabo, laba uJoshua wa ba soka, ngokuba ka ba ba sokanga endhleleni.
8Kwa ti, se be qedile ukusoka abantu bonke, ba hlala ezindaweni zabo ekamu, ba za ba pola.
9uJehova wa ti kuJoshua, Namhla ngi letulile ihlazo la sEgipite. Ngako igama la leyondawo la tiwa iGilgali kwa za kwa ba namhla.
10AbakaIsraeli ba ngenisa eGilgali, ba gcina ipasika kusihlwa, ngosuku lweshumi nane lwenyanga, emfundeni ya seJeriko.
11Ba dhla izitelo zezwe nga ngomso emva kwepasika, isinkwa esi nga vutyelwe, nezikwebu ezosiweyo, nga lolosuku.
12Imana la nqamuka nga ngomso, se be dhlile izitelo zezwe; abantwana baka Israeli a ba pindanga ba be nalo imana; ba dhla izitelo zezwe la seKenani nga lowomnyaka.
13Kwa ti, uJoshua e nga seJeriko, wa lulamisa amehlo, wa kangela, bheka, kwa ku mi umuntu pambi kwake, inkemba yake i kityiwe, i sesandhleni sake; uJoshua wa ya kuye, wa ti kuye U vuna ubani, tina nezita zetu na?
14Wa ti, Qa, kodwa ngi ze kaloku, ngi induna yempi ka Jehova, uJoshua wa kotama pansi ngobuso bake, wa m dumisa, wa ti kuye, I tini inkosi yami, encekwini yayo?
15Induna yempi ka Jehova ya ti kuJoshua, kumula isicatulo sako onyaweni lwako, ngokuba indawo o mi kuyo i ingcwele; wenza njalo uJoshua.