1UJOSHUA wa vuka ekuseni; ba suka eShitimu, beza eJordani, yena nabo bonke abantwana baka Israeli, ba lala kona, be nga ka weli.
2Kwa ti ekupeleni kwezinsuku ezintatu, inzinduna za ya empini;
3Za ba yala abantu za ti, Nxa ni bona umpongolo wesivumelwano ka Jehova uTixo wenu, nabapristi naba Levi be u twele, kona ni ya kusuka, endaweni yenu, ni u landele.
4Kepa a ku be ibanga pakati kwenu nawo, ku nga ti amakubiti a izinkulungwane ezimbili ngokulinganisa; ni nga sondeli kuwo ukuba ni yazi indhlela eni ya kuhamba ngayo; ngokuba a ni bonanga ni dhlula nga lendhlela.
5uJoshua wa ti kubantu, Zihlambululeni; ngokuba ngomso uJehova u ya kuzenza izimangaliso pakati kwenu.
6uJoshua wa tyo kubapristi, wa ti, Tabatani umpongolo wesivumelwano, ni wele pambi kwabantu, Ba tabata umpongolo wesivumelwano, ba hamba pambi kwabantu.
7uJehova wa ti kuJoshua, Namhla ngi ya kuqala ngi ku kulise emehlweni abaIsraeli bonke, ukuba bazi ukuti, njengokuba nga ngi naye uMosi ngi ya kuba nawe.
8Yityo kubapristi aba pata umpongolo wesivumelwano, u ti, Nxa ni fikile ogwini lwamanzi a seJordani, yimani eJordani.
9uJoshua wa ti kwa baka Israeli, Sondelani lapa, ni zwe amazwi ka Jehova uTixo wenu.
10uJoshua wa ti, Ngaloku ni ya kwazi ukuti uTixo opilileyo u kona pakati kwenu, nokuti, u ya kuxotya nokuxotya pambi kwenu amaKenani, namaHiti, namaHivi, namaPerizi, namaGirgashi, namaAmori, namaJebusi.
11Bheka umpongolo wesivumelwano seNkosi yezwe lonke u wela iJordani pambi kwenu;
12Tabatani abantu aba ishumi nambili ezizweni zika Israeli, ku be ileso sizwe a be munye.
13Ku za kuti, nxa izinyawo zabapristi aba pata umpongolo kaJehova, Inkosi yezwe lonke, zi nyatela emanzini a seJordani a ya kunqanyulwa, amanzi a vela ngasenhla, e me udonga.
14Kwa ti, abantu be sa suka ematenteni abo ukuwela iJordani, nabapristi aba pata umpongolo wesivumelwano pambi kwabantu;
15Lapo se be fikile eJordani aba twala umpongolo izinyawo zabapristi aba twala umpongolo se zi ngenile ogwini lwamanzi, (iJordani leqa izindonga zonke zalo, isikati sonke sokuvuna,)
16Kwa ti, amanzi a vela ngasendhla e ma, e nyuka a ba udonga, kude kakulu nga seAdamu, umuzi o nga seZereta; na lawa e ukayo, e ya nga selwandhle lwa seAraba, ulwandhle luka Saoti, a nqanyulwa impela; abantu ba wela be bhekene neJeriko.
17Abapristi aba pata umpongolo wesivumelwano sika Jehova, bema ba qina emhlabatini ngapakati kweJordani, abaIsraeli bonke ba wela emhlabatini, sa za sa wela iJordani isizwe sonke, sa pelela.