1UJEHOVA wa tyo kuJoshua, wa ti,
2Yityo kwabaka Israeli, u ti, Zimiseleni imizi yokubalekela, enga kuluma ngayo kini ngoMosi,
3Ukuba umbulali o bulala umuntu ngengozi na ngokungazi a balekele kuyo; yo ba imizi yenu yokupepa ni nga bulawa umpindisi wegazi.
4Uma umuntu e balekela komunye umuzi kuleyo mizi, e me nga sesangweni lomuzi, a kulume amazwi ake ezindhlebeni zamalunga a lomuzi, a ya kumamkela emzini kuwo, a m nike indawo, ukuba a hlale kubo.
5Nxa umpindisi wegazi e m landa, ka nga m nikeli esandhleni sake umbulali; ngokuba wa m bulala umuntu ngengozi, kade e nga m zondi.
6U ya kuhlala kulowo muzi a ze e me pambi kwesizwe ukuba ku tetwe icala, ku ze ku fe umpristi omkulu wa lezozinsuku; kona umbulali a nga buya eze emzini wa kubo, na sendhlini yake, emzini a baleka kuwo.
7Ba se be misa iKedeshi, eGalile entabeni ka Naftali, neShekemi entabeni ka Efraimi, neKirjatarba, (eli iHebroni) entabeni ya kwaJuda;
8Na ngapesheya kweJordani ngaseJeriko, nga sempumalanga, ba misa iBezeri ehlane etafeni esizweni sikaRubeni, neRemoti eGiladi esizweni sika Gadi, neGolani eBashani esizweni sika Manasa.
9Le ya i imizi e miselwe abaka Israeli bonke, nabezizwe aba hlezi kubo, ukuba o bulele umuntu ngengozi a balekele kona, a nga fi ngesandhla sompindisi wegazi, e nga kemi pambi kwesizwe.