1IZWI lika Tixo e be li kuJoeli, indodana ka Pitueli.
2Yizwani loku nina badala, ni lalele nina nonke e ni hlezi ezweni; Po be ku kona loku emihleni yenu, noko emihleni ya oyihlo benu na?
3Tyelani abantwana benu ngako, nabantwana benu ma ba tyele abantwana babo, nabantwana babo ma ba tyele isizukulwane esilandelayo.
4O ku shiyiwe isikonyana ku dhliwe izinkumbi; noku shiyiwe izinkumbi ku dhliwe inkasa, noku shiyiwe inkasa ku dhliwe umkotane.
5Vukani nina enidakiweyo ni lile; ni kale nina nonke bapuzi bewaini, ngenxa yesinwazi esinyatelwayo; ngokuba si nqunyiwe emlonyeni wenu.
6Ngokuba isizwe si kupukile pezu kwezwe lami, isizwe esi namandhla, esi nge nakubalwa; amazinyo aso a ngamazinyo engonyama, namazinyo aso okuhlafuna a iwo ebubesi.
7Si citile isinwazi sami, nomkiwane wami si wapulile; si wu xozile impela, si wu lahlile, senzile a be mhlope amagatya awo.
8Kala njengomakoti ombete isaka ngenxa yendoda yobutya bake.
9Umnikelo wokudhla nowokupuza u nqunyiwe endhlini ka Jehova; abateteleli abakonzi baka Jehova ba ya lila.
10Umhlabati u hlubuliwe, izwe li ya lila, ngokuba amabele a citiwe; iwaini elitya li tyile, amafuta a ya puta.
11Jabani nina balimi; kalani nina aba sebenza isinwazi ngenxa yokolweni, na ngenxa yebale, ngokuba amabuya omhlabati a citekile.
12Isinwazi si bunile, umkiwane u ya puta; umrimoni, nesundu futi, nomtapuaki, nemiti yonke yomhlabati i bunile; ngokuba injabulo yomile pakati kwamadodana abantu.
13Zibopeni, ni lile nina bateteleli, kalani nina bakonzi belati; wozani ni camele ebusuku emasakeni nina bakonzi baka Tixo wami, ngokuba umnikelo wokudhla nowokupuza u gohliwe endhlini ka Tixo wenu.
14Yahlukanisani ukuzila ukudhla, ni bize umhlangano, butani abadala nabahleziyo ezweni lonke endhlini ka Jehova uTixo wenu, ni kale kuJehova.
15Au lolusuku! ngokuba usuku luka Jehova lu ya sondela, lu ya kuza njengokububa lu vela kuye uSomandhla.
16Ukudhla a ku nqunyiwe emehlweni etu ini na, nenjabulo nokwetaba endhlini ka Tixo wetu?
17Imbeu i bolile pansi kwamagade ayo, izibuya zi citekile izinyango zi dilikile ngokuba izikafu zi bunile.
18Yeka izilwane zi ya bubula kangaka! imihlambi yezinkomo i katazekile, ngokuba a zi nakudhla; futi imihlambi yezimvu i ya citeka.
19Jehova ngo kala kuwe ngokuba umlilo u dhlile amadhlelo a senhle, ilangabi lomlilo li tyisile yonke imiti yomhlabati.
20Izilo zomhlabati nazo zi kalela wena; ngokuba imifula yamanzi i tyile; umlilo u dhlile amadhlelo a sendhle.