1KONA lamadoda amatatu a yeka uku m pendula uJobe, ngokuba wa e nge nacala emehlweni ake.
2Kona ulaka luka Elihu, indodana ka Barakeli o wenzalo ka Ramu, umBuzi lwa vuta ulaka lwake lwa vuka ngoJobe ngokuba wa ti ngi lungile pambi kuka Tixo.
3Na ngayo imihlobo yake emitatu, lwa vuka ulaka lwake, ngokuba ba be nga tolanga mpendulo, noko ba m lahla uJobe.
4Kepa uElihu wa be e lindile uJobe e sa kuluma ngokuba ba be badala kunaye.
5Lapo uElihu e bona ukuba a yiko impendulo emlonyeni wa lamadoda amatatu, ulaka lwake lwa vuka.
6uElihu indodana ka Barakeli umBuzi wa pendula, wa ti, Mina ngi se mtya nina ni badala kakulu; ngako ngesaba a nga ni bonisa imicabango yami.
7Nga ti a ku kulume Izinsuku, nobuningi beminyaka bu fundise ukuhlakanipa.
8Kepa ku kona umoya kumuntu nokupefumla kuka Somandhla ku ya ba pa ukuqonda.
9Amadoda amakulu a ka hlakanipi ngesikati sonke nabadala a ba qondi ukwahlula,
10Ngako nga ti, Lalelani kimi, ngo ni bonisa ukucabanga.
11Bhekani, nga linda amazwi enu; nga qapela ukushumayela kwenu, ni sa funa amazwi okupendula.
12Yebo, nga ni lalela, kepa bheka kwa ku ngeko kini namunye o wa mahlula uJobe, no wa pendula amazwi ake;
13Funa ni ti, si tolile ukwazi; uTixo o m citileyo a siye umuntu.
14Ngokuba a wa lungiselanga mina amazwi ake; nami a ngi yi kumpendula ngamazwi enu.
15Ba mangala a ba be be sa pendula, amazwi a baleka kubo.
16Ngi ba linde ngokuba be nga kulumi na? beme ba tule?
17Nga ti, nami ngi ya kupendula okwami, ngi bonise okwami ukuqonda;
18Ngokuba ngi gcwele indaba, umoya pakati kwami u ya ngi quba.
19Bheka, isisu sami si njengewaini, eli nge nandawo yokupuma; Se si lungele ukuquma njengamagaba amatya.
20Ngi ya kukuluma ukuba ngi pefumle ngi ya kukamisa umlomo ngi pendule.
21Ma ngi nga keti isimo somuntu ngi ya ni ncenga, ngi nga qambi abantu amagama okuba binqa.
22A ngi kwazi ukuqamba amagama okubinqa; ngokwenze njalo, umenzi wami a nga ngi susa masinyane.