1KEPA kaloku laba abancane ku nami ba ngi hleka usulu, oyise babo e nga ngi nga ba dedela, ukuba ba hlale nezinja zomhlambi wami.
2Yebo, amandhla ezandhla zabo a nga ngi siza ngani, loku ukuvutwa kwabo se ku pelile.
3Ngenxa yokuswela nendhlala ba be lamba ba balekele ehlane e kade li nga naluto li ze.
4Baka imifino ezihlahleni bemba impande yejunipa i be ukudhla kwabo.
5Ba xotywa ebantwini, ba ba kalela niengamasela.
6Ba hlale emaweni ezigodi, emihumeni yomhlaba na sematyeni.
7Ezihlahleni ba ya konya; ngapansi kwameva ba ya fumbalala.
8Abantwana beziula, amadodana amashinga a ya xotywa ezweni.
9Kepa kaloku se ngi isihlabelelo sabo, yebo, se ngi yisiga sabo.
10Ba ya ngi dela ba ngi balekele, ba fele amate ebusweni bami
11Ngoba u kumulile intambo yami, u ngi hlupile, nabo ba kumulile umkala pambili kwami.
12Esandhleni sami sokunene ku suka izinsizwa zi qube izinyawo zami, zi ngi vusela izindhlela zazo zokuciteka.
13Ba yona indhlela yami, ba veze obala inhlupo yami, a ba namsizi.
14Ba ngehlele njengempopomo yamanzi, ngi ngedwa, ba ziponsa pezu kwami
15Ukwesaba ku ya ngi cita; ku ya landela umpefumlo wami njengomoya; ukuhlala kahle kwami ku ya dhlula njengefu.
16Umpefumlo wami u citekele pakati kwami; imihla yosizi i ngi bambisisile.
17Amatambo ami a ya ngi hlaba ebusuku, imisipa yami a i pumuli ndawo.
18Ngamandhla amakulu esifo sami, ingubo yami yonakele; i ngi bopa njengokala webantyi lami.
19U ngi ponsile odakeni, ngi ze ngi fana notuli nomlota.
20Ngi ku kalela, ka u zwa; ngi yesuka, a u ngi naki.
21U su ngi pata kabi; ngesandhla sako samandhla u ya ngi vimbezela.
22U ya ngi pakamisa ngasemoyeni, u ya ngi kwelisa kuwo, u ya cita okwami.
23Ngi yazi u ya ku ngehlisa ekufeni endhlini e miselwe bonke abapilileyo.
24Yebo ukutandaza ku ize, uma e selula isandhla sake, nokukala a ku sizi luto ekuciteni kwake.
25A ngi m kalelanga ini, yena o sekuhlupekeni na? Umpefumlo wami a u kalelanga ompofu na?
26Lapo nga bhekela okulungileyo, okubi kwa ngehlela lapo nga hlalela ukukanya, kwa vela ubumnyama.
27Amatumbu ami a ya xuxuzela e nge nakutula; imihla yenhlupeko ya ngi pangela.
28Nga hamba ngi mnyama ngi ngenziwe ilanga; ngema nga kala ebandhleni, ngi ti,
29Ngi ngumfo wamankentyane, ngi umgane wezintye.
30Isikumba sami si mnyama pezu kwami, amatambo ami a tyiswa umlilo.
31Ugumbu lwami o lokulila, negenkhle lami li izwi labalilayo.