1NGASEMVA kwaloko uJobe wa namulula, wa qalekisa usuku lwake.
2uJobe wa kuluma, wa ti,
3Sengati nga ku nga za nge lu be kona usuku e nga zalwa ku lona, nobusuku okwa tiwa ngabo, Ku kona o kulelwe umtwana wesilisa,
4Sengati lolo suku lu nga ba mnyama; uTixo ma ka nga lu beki e pezulu, ukukanya ma ku nga veli kulona.
5Ubumnyama netunzi lokufa ma li lu buyise; ifu ma li hlale kulona; ubumnyama bosuku ma bu lwetuse.
6Ubumnyama, ma bu sibekele lobo busuku; ma lu nga balwa ezinsukwini zomnyaka; ma lu nga balwa ezinyangeni.
7Eh, lobo busuku ma bu be ize; ma ku ngezwakali izwi lokujabula kubona.
8Ma ba bu tuke abatukayo ilanga, aba lungele ukuvusa isilwane.
9Izinkanyezi zokuswelela kwabo, ma zi sitwe; ma bu fise ukukanya, ba nga ku fumani; ma bu nga boni uvivi.
10Ngoba bu nga valanga isisu sika ma, bu nga fihlanga ukuhlupeka emehlweni ami.
11Ku ngani a ngi fanga esiswini? Ku ngani a ngi bubanga ekupumeni kwami esiswini?
12Ku ngani nga singatwa kahle? namabele a ngi ncelisile?
13Ngoba kaloku nga ngi lele ngi tulile ngi te du, nga ngi lele ubutongo; kona nga ngi pumula.
14Ndawonye namakosi nompakati omhlaba, aba zakelayo izindawo e se za citeka;
15Nokuba ku ndawonye namakunzana a negolide, a gcwalisayo izindhlu zawo ngesiliva;
16Sengati nga ngi ngeko njengesisu esipunziweyo; ngi njengezingane ezi nga bonanga zi ku bone ukukanya.
17Lapo aba shingayo ba peza ukuhlupa kwabo; lapo abadiniweyo ba ya pumula.
18Lapo ababotyiweyo ba ya pumula ndawonye; ka bezwa izwi labakatazayo.
19Abancane nabakulu ba kona; isigqili si kululekile enkosini yaso.
20Ohlupekayo u piwelani ukukanya na, naba nezinhliziyo ezi nomunyu zi piwelani ukupila;
21Abafisayo ukufa, ka ku zi kodwa; ba ku funisisa ku nemfuyo e tukusiweyo;
22Abajabula kangakanani, ba tokoza, nxa be fika elibeni?
23Ku ngani ukuba ku piwa ukukanya kumuntu o ndhlela yake i medukela; uTixo a m biyeleyo?
24Ngi nepika ngi nga ka dhli, ukumbongoza kwami ku njengoku pupuma kwamanzi.
25Ngoba loko e nga kwesaba ku ngehlela, loko e nga ku xwava ku fikile kimi.
26Be ngi sengozini, be ngi nga pumile, be ngi nga tuli; noko za fika izinhlupo.