1IMPELA ku kona umtapo wesiliva nendawo yegolide aba li lungisayo.
2Insimbi i kitywa emhlabatini namatye a veza itusi.
3U ya nqamula ubumnyama u ya funisisa inxa zonke; amatye obumnyama, netunzi lokufa.
4U yemba umgodi kude namakaya abantu ezindhleleni e se za kohlwa unyawo, ba ya lengalenga kude nabantu.
5Umhlaba u veza ukudhla; ngapakati kwawo ku guqulelwe ku ngati umlilo.
6Ematyeni awo ku vela isafire; notuli lwegolide.
7Ku kona indhlela e ngaziwa nyoni, e nga bonwanga iso lenqe.
8Amazinyane engonyama a za nge e i nyatela, nengonyama esabekayo e nga za nge i dhlule ngayo.
9U yelulela isandhla sake etyeni; a gumbuqele izintaba ngezimpande zazo.
10U ya bobosa ematyeni; iso lake li bone konke okuhle.
11U ya vimbela amanzi a vuzayo a nga dhluli; okufihliweyo u ya kuveza obala.
12Ingqondo i ya ku tolwapi na? Ipi indawo yokuhlakanipa?
13Umuntu ka yazi intengo ngako; a ku tolakali ezweni labapilayo.
14Ukujula ku ti, A ku ko kimi; nolwandhle lu ti, A ngi nako kimina.
15Ku nge zuzwe ngegolide, nesiliva a li nakulinganiswa nentengo yako.
16Ku nge bekelane negolide la seOfire, nesadoniki eli igugu nesafeiro.
17Igolide nekrustalo li nge lingane nako; ku nge pambaniswe amatye negolide elihle.
18Ku nge kulunywe ngekorali namaparele; intengo yokuqonda i dhlula amarubi.
19Itopazi la seKushi li nge lingane nako, ku nge bekelane negolide elihle.
20Po, ingqondo i velapi na, i pi indawo yokuhlakanipa na?
21Loku ku fihliwe emehlweni abo bonke aba pilayo, ku tukuswe ezinyonini zezulu.
22Ukubujiswa nokufa ku ti, Si lu zwile udumo lwako ngezindhlebe zetu
23uTixo u ya yazi indhlela yako, yena u ya yazi nendawo yako.
24Ngokuba u ya bheka imikaulo yomhlaba a bone konke ngapansi kwezulu.
25Ukuba a linganise umoya namanzi ngesilinganiso.
26Lapo wa misela imvula umteto, nendhlela yonyazi lokuduma.
27Kona wa ku bona wa ku veza, wa ku hlola.
28Ebantwini wa ti, Bhekani ukumesaba uTixo, ku ukuhlakanipa; nokudela izono, ku ingqondo.