ISAHLUKO 25
1KONA kwa pendula uBildade umShui, wa ti,
2Ukubusa, nokwesatywa ku kuye, wenza ukutula ezindaweni zake ezipakamileyo.
3Amabandhla ake a nga balwa na? Ubani o nga kanyiswa ukukanya kwake na?
4Poke, umuntu ku nga tiwa u lungile kanjani kuTixo na? A nga ba m hlope kanjani, yena o zelwe umfazi na?
5Bheka, nenyanga a i kanyi; yebo, izinkanyezi a zi m hlope emehlweni ake.
6Ku ncinyane kangakananike umuntu o impetu, nendodana yomuntu o impetu?
Bible Society of South Africa 1893