1WA pendula uZofari umNama wa ti,
2Ku nge pendulwe amazwi amaningi na? umuntu o nokukuluma oku ize a nga tetelelwa na?
3Amacebo ake a nga tulisa abantu na? uma u hlekisa a nge ku tuke umuntu na?
4U tyilo, wa ti, ku lungile ukufundisa kwami, ngi mhlope emehlweni ako.
5Sengati uTixo a nga kuluma a pimise emlonyeni wake ngokuma kwako.
6A ku bonise okufihlakeleyo kokuhlakanipa, ngokuba ukwazi ku kulu; Yazi ukuba uTixo wenzile ukuba ku nga kunjulwa inxenye yokushinga kwako.
7Ngokuhlola u nga fumana okufihliweyo kuka Tixo na? u nga m fumana uSomandhla, ku ze ku pelele na?
8Ku pakeme njengezulu, u ngenzani wena na? Ku julile ku nehaidesi, u ngazini na?
9Ukulinganisa kwako kude ku nomhlaba, ku banzi ku nolwandhle.
10Uma e vukela umuntu, e m nikela a botywe, e mema ibandhla, ubani o nga m tiyayo na?
11Ngoba u ya bazi abantu abashingayo, u ya bona ukona, ngako ka yi kukuqonda na?
12Ngoba abantu ba ize, aba nakwazi; ba zalwa njengetole lembongolo ya sendhle.
13Uma u lungisa inhliziyo yako, welulele izandhla zako kuye,
14Uma ukona ku sesandhleni sako, ku xotye; ku nga hlali ezindhlini zako.
15Konake u nga lulamisa ubuso, bu nge nabala; yebo u ya kuma, u nga bi nakwesaba;
16Ngoba u ya kukohlwa usizi lwako, u lu kumbule njengamanzi a dhlulayo;
17Ukupila kwako ku ya qama kunemini; noma u sityekelwa ubumnyama u ya kuba njengokusa.
18U ya kuhlala u ngesabi, ngokuba ku kona ukwetemba; nokuba u namahloni, u ya kupumula, ngokutula.
19U ya kulala, u ngetuswa muntu, yebo, abaningi ba ya kufuna okuhle kuwe.
20Kepa amehlo ababi a ya fipala, a ba yi kusinda, itemba labo li njengokupuma komoya.