1UJESU wa shumayela loku, wa bheka ezulwini, wa ti, Baba, isikati si fikile; dumisa iNdodana yako, ukuba indodana yako i ku dumise:
2Loku u i nikile amandhla pezu kwabantu bonke, ukuba bonke, o i nikile bona, i ba nike ukupila okupakade.
3Ukupila okupakade iloku, ukwazi wena uTixo weqiniso yedwa, noJesu Kristu o m tumileyo.
4Ngi ku dumisile ezweni; ngi qedile umsebenzi owa ngi nika ukuba ngi wenze.
5Na kaloku, Baba, ngi dumise wena, ngokudumisa e be ngi nako ngi nawe, izwe li nga ka bi ko.
6Ngi bonakalisile igama lako kubantu aba sezweni, o ngi nike bona. Ba be abako, wa ngi nika bona, ba gcinile izwi lako.
7Ba yazi kaloku, ukuba konke, o ngi nike kona, ku vele kuwe.
8Ngokuba ngi ba nikile amazwi o ngi nike wona; ba wamkele, bazi isibili ukuba nga tunywa uwe.
9Ngi ya ba kulekela bona; a ngi kulekeli izwe, ngi kulekela labo o ngi nike bona, be ngabako.
10Nako konke okwami ku ngokwako, nako konke okwako ku ngokwami; ngi dunyisiwe ngako.
11A ngi se ko ezweni mina: ba sezweni bona; mina ngi ya kuwe. Baba o ingcwele, ba gcine egameni lako labo o ngi nike bona, ukuba ba be munye njengati.
12Lapo be ngi nabo ezweni nga ba gcina egameni lako; ngi ba lindile labo o ngi nike bona; a ka lahleki namunye kubo, kupela indodana yokubujiswa, ukuba ku gcwaliseke umbalo.
13Se ngi za kuwe kaloku: ngi shumayela loku ezweni, ukuba ba be nokutokoza kwami ku pelele kubo.
14Ngi ba nikile izwi lako; izwe li ya ba zonda, ngokuba a sibo abezwe, njengami a ngi siye owezwe.
15A ngi celi ukuba u ba suse ezweni, ngi cela ukuba u ba gcine ebubini.
16A sibo abezwe, njengami a ngi siye owezwe.
17Ba hlambulule ngeqiniso: izwi lako li iqiniso.
18Njengaloku wa ngi tumela ezweni, nami nga ba tumela bona ezweni.
19Ngi ya zihlambulula ngenxa yabo, ukuba ba hlanjululwe ngeqiniso.
20A ngi kulekeli bona bodwa, ngi kulekela nabo abakolwa imi ngezwi labo.
21Ukuba bonke ba be munye; njengawe, Baba, u kimi, nami ngi kuwe, ba be munye nabo kitina, ukuba izwe li kolwe ukuba u ngi tumile.
22Ngi ba nikile ubukosi, owa ngi nika bona; ukuba ba be munye njengati si munye.
23Mina ngi kubona, wena u kimina, ba ze ba be munye ku pelele; izwe lazi ukuba u ngi tumile wena, nokuba u ba tandile njengaloku u ngi tandile.
24Baba, ngi ya tanda ukuba labo, o ngi nike bona, ba be kona nami lapa ngi kona, ba bone ubukosi bami owa ngi nika bona ngokuba wa ngi tanda, ku nga ka dabuki umhlaba.
25Baba olungileyo, izwe a li kwazi wena, kodwa mina ngi ya kwazi, na laba ba yazi ukuba u ngi tumile.
26Ngi bazisile igama lako, se ngi ya kulazisa, ukuba utando o ngi tanda ngalo lu be kubo, nami ngi be kubo.