1MINA ngi ivini impela; Baba u umlimi.
2Amagatya onke a kimi a nga teli izitelo, u ya wa susa: kodwa onke a tela izitelo, u ya wa tena, ukuba a tele kakulu.
3Nina se ni hlambululekile ngezwi enga li tyo kini.
4Hlalani kimi, nami kini. Njengegatya li nge tele izitelo ngokwalo, uma li nga hlali evinini; ku njalo nani uma ni nga hlala kimi.
5Mina ngi ivini; nina ni ngamagatya. O hlala kimi nami kuye, uyena o tela izitelo eziningi; ni ngenze luto ngapandhle kwami.
6Uma umuntu e nga hlali kimi, u lahlwa ngapandhle njengegatya, a bune; ku butwa wona, a ponswe emlilweni, a tyiswe.
7Uma ni hlala kimi, namazwi ami e hlala kini, no cela eni ku tandayo, ni kwenzelwe.
8uBaba u dunyiswa ngaloku, ngokutela kwenu izitelo eziningi; njalo ni ya kuba abafundi bami.
9Njengaloku uBaba u ngi tandile, nami ngi ni tandile; hlalani otandweni lwami.
10Uma ni gcina imiyalo yami, no hlala otandweni lwami; njengaloku ngi gcine imiyalo ka Baba, ngi hlala otandweni lwake.
11Ngi shumayele loku kini, ukuba ukujabula kwami ku hlale kini, nokujabula kwenu ku gcwaliseke.
12Lo u umyalo wami, wokuba ni tandane, njengaloku ngi ni tandile.
13Akuko umuntu o notando olukulu ku na loku kokuba u bekele izihlobo zake ukupila kwake.
14Ni izihlobo zami, uma nenza loko engi ni yala ngako.
15A ngi sa tyo ukuti ni izinceku: inceku a i kwazi okwenziwa inkosi yayo; kodwa ngi te ni izihlobo; ngokuba ngi nazisile konke engi ku zwileyo kuBaba.
16Nina a ni ngi ketanga, kodwa mina ngi ni ketile nina, ngi ni bekele, ukuba ni ye ni tele, nezitelo zenu zi hlale; ukuba loko eni ku celayo kuBaba ngegama lami, a ni nike kona.
17Iloku engi ni yala ngako, ukuba ni tandane.
18Uma izwe li ni zonda, ni yazi, la qala la ngi zonda mina.
19Uma ni ngabezwe, izwe nga li tanda okwalo; kepa loku ni nge ngabezwe, ngi ni ketile ezweni, nga loku izwe li ya ni zonda.
20Kumbulani izwi enga li tyoyo kini lokuti, Inceku a inkulu ku nenkosi yayo. Uma be ngi hlupile, ba ya kunihlupa nani; uma be li gcinile izwi lami, ba ya kulingcina nelenu.
21Kodwa ba ya kwenza konke loku kini ngegama lami, ngokuba be nga m azi ongitumileyo.
22Uma be ngi nga fikile, nga shumayela kubo, nga be be nge nasono; kodwa kaloku a ba nazaba ngezono zabo.
23O ngi zondayo u zonda noBaba.
24Uma be ngi ngenzile pakati kwabo imisebenzi e ngenziwe omunye, nga be be nge nasono; kepa kaloku ba bonile, ba zonda mina noBaba.
25Kodwa ku njalo ukuba ku gcwaliseke izwi eli lotyiweyo emtetweni wa kubo, lokuti, Ba ngi zonda ngeze.
26Nxa se e fikile uMtokozisi, engi ya kumtumela kini e vela kuBaba, uMoya weqiniso, o puma kuBaba, uyena o ya kuqinisa ngami.
27Nani ni ya kuqinisa ngokuba be ni nami iloku kwa qalayo.